Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 3/15 kk. 15-20
  • Ningamniki UDeveli Indawo!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ningamniki UDeveli Indawo!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Melana NoSathane, Uyobaleka!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • “Melanani NoDeveli” Njengoba Kwenza UJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Ungamniki UDeveli Indawo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Isitha Sokuphila Okuphakade
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 3/15 kk. 15-20

Ningamniki UDeveli Indawo!

“Ilanga malingashoni nisathukuthelene. Ningamniki uSathane indawo.”—EFESU 4:26, 27.

1. UPetru wamchaza kanjani uDeveli, kodwa isiphi isiqinisekiso sesivikelo umphostoli asinikeza?

ISILO esesabekayo siyahambahamba. Sinesifiso esingagcwali sokugwinya amaKristu. UPetru uyaxwayisa: “Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya; melanani naye niqinile ekukholweni . . . Kepha uNkulunkulu womusa wonke . . . senihluphekile isikhashana, yena uqobo [uyakuqinisa], aninike amandla.”—1 Petru 5:8-10.

2. (a) Yiziphi izimo ezisenza ukuba sibe yizisulu ezengeziwe zokuhlaselwa uSathane? (b) Kungani umuntu oba yisisulu sokuhlubuka kumelwe azisole yena kuphela? (c) Yibuphi ubuthakathaka obenza kwaba lula ngoDeveli ukufaka enhliziyweni kaJuda Iskariyothe umoya wokukhaphela uJesu?

2 Singaqiniseka ukuthi uDeveli nabasizi bakhe, kokubili abangamademoni nabangabantu, bahlale bekulindele ukusizakala nganoma ikuphi ukungabaza okuphikelelayo, noma ikuphi ukushiyeka okungathi sína kobuntu, nanoma ikuphi ukunganaki kwethu ekuzigcineni siqinile okholweni. Kodwa iZwi likaJehova liyasiqinisekisa ukuthi uDeveli ngeke asigwinye uma simelana naye ngokuqinile. (Jakobe 4:7) Ngokwesibonelo, akekho oba isisulu sokuhlubuka ngenxa nje yokuthi akunakugwenywa. Akekho omiselwe kusengaphambili ukushiya ukholo. Izisusa zenhliziyo zihilelekile. Kuyiqiniso, uJohane wathi “baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi.” (1 Johane 2:19) Kodwa lokhu kwenzeka ngenxa yokuthi bakhetha ukuhlubuka noma bangena enhlanganweni kaJehova benesisusa esibi kwasekuqaleni. UJuda Iskariyothe wayenenhliziyo enhle lapho ebizwa njengomunye wabaphostoli abayi-12 bakaJesu, kodwa uDeveli wasebenzisa ubuthakathaka bukaJuda bobugovu. Ngisho nangaphambi kobusuku uJesu akhashelwa ngabo, “uSathane [wabe] esekufake enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele.”—Johane 13:2.

3. Yiziphi izici ezingashukumisela umuntu ukuba abe yisisulu sokuhlubuka?

3 Umuntu uba ngomubi ngenxa yokuvumela ukucabanga kwakhe kobugovu, izinhloso zakhe nezifiso, abangane bakhe abakhethekile nokumzungezile, kuthonye ukucabanga kwakhe bese kumqondisa lapho ethanda khona. UPawulu wakhuluma ngabanye ‘asebake bakhanyiswa banambitha isiphiwo sasezulwini, kodwa babuye bahlubuka.’ (Heberu 6:4-6) Uma singahlali njalo siqaphile, uDeveli ngezindlela zakhe zokukhohlisa zobuqili angase enze izinhliziyo zethu zithonywe imicabango yezihlubuki. Kodwa uDeveli, empeleni, umthonya kanjani umuntu abe isisulu sokuhlubuka?

4. Yini engenzeka uma sivumela ulaka, ukucasuka, nokugxeka?

4 Izimo ezivamile uSathane azifunayo ulaka, ukucasuka, nokugxeka. Imizwa enjalo ingase ikhule ngamandla kangangokuba ishiye isikhala esincane kakhulu sothando nokwazisa. Mhlawumbe inkinga ethile engaxazululiwe iyonakalisa, ibangele umuntu ukuba azizwe ecasukile futhi azithethelele ngokungayi emihlanganweni ebalulekile yobuKristu. Ngokuhlala ecasukile isikhathi eside, ‘unika uDeveli indawo.’ (Efesu 4:27) Umuntu ophazamisekile ubona kuphela ukushiyeka kobuntu komzalwane wakhe, kunokuba amthethelele “kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa,” futhi ahluleke ukusebenzisa lezizimo ezivivinyayo njengamathuba okuphelelisa izimfanelo zobuKristu. (Mathewu 18:22) Lapho ekulesimo sengqondo, uma othile eza kuye futhi esikisela ukuthi inhlangano kaJehova iyacindezela noma inemingcele, noma ngisho nokuthi inephutha kwezinye izimfundiso ezibalulekile, inhliziyo ebuhlungu yomKristu ingase ithonywe ilezinkulumo ezingenasisekelo. Khona-ke, yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukugwema ukuvumela ulaka nokucasuka kwakhele! Malingashoni ilanga uthukuthele. Kunalokho, vumela uthando lubonakale ngokugcwele ekuphileni kwakho.

5. (a) Ukuqhosha nokucasukela ukwelulekwa kungaba kanjani ugibe? (b) Iyiphi indima ukuzithoba okuyifezayo ekuhlaleni uqinile okholweni?

5 Iziphi ezinye izimo zenhliziyo nengqondo uDeveli azifunayo? Phela, kukhona ukuqhosha, umuzwa wokubaluleka, ukucasulwa ukungakutholi ukuvelela umuntu anomuzwa wokuthi ukufanele. Konke lokhu kuwugibe olusetshenziswa uDeveli. (Roma 12:3) Uma welulekwa noma ngisho usolwa ngesenzo esithile esibi noma isimo, lokhu, futhi, kungase kubonakale njengesikhathi esifanelekile ngoDeveli sokuba akushukumisele ukuba uzibuze ukuthi usenhlanganweni efanele yini. Ngakho hlala njalo uzithobile. Yaneliswa ukuziphatha ‘njengomncinyane.’ Ungavumeli ukuqhosha noma umuzwa wokubaluleka ukubangele ukuba untengantenge ekumeni ngokuqinile okholweni.—Luka 9:48; 1 Petru 5:9.

6, 7. (a) Yiziphi izenzo zokungabekezeli uDeveli azisebenzisa ngokushesha? (b) Uma umuntu entula ukuhlakanipha, yini okumelwe yenziwe?

6 Ukungabekezeli enye into uDeveli ayifunayo. Ngezinye izikhathi singaba nomuzwa wokuthi kumelwe kwenziwe izinguquko; sifuna isenzo esisheshayo, izimpendulo ezisheshayo. ‘Lenkinga kumelwe ixazululwe manje, noma ngiyayeka. Kumelwe ngiyithole manje impendulo yalowombuzo, ngaphandle kwalokho angisenakuqhubeka. IArmagedoni nesimiso esisha bekulokhu “kusemnyango” iminyaka eminingi manje. Ngikhathele ukulinda.’ Qiniseka ukuthi uDeveli ukulungele ukuhlwanyela izimbewu zokungabaza nokuhlubuka ezindimeni ezinjalo zokungabekezeli. Ukukhuthazela nokholo kuyadingeka.—Heberu 10:36, 39.

7 UJakobe wathi: “Ukukhuthazela makube-nomsebenzi opheleleyo, ukuze nibe-ngabapheleleyo nabangenacala abangasweli-lutho. Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa. Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya. Ngakho makangasho lowomuntu ukuthi uyakwamukeliswa utho yiNkosi [uJehova], umuntu onhliziyombili oguquguqukayo ezindleleni zakhe zonke.” (Jakobe 1:4-8) Ungamvumeli uDeveli ukuba akwenze isisulu sokuhlubuka ngenxa yokuthi uye waba ongabekezeli ngokuphikelelayo, waba ongabazayo ngezithembiso zikaNkulunkulu! Yiba obekezelayo, yiba obongayo. Lindela uJehova.—IHubo 42:5.

8. Umkhuba wokumelana negunya umvulela kanjani uDeveli ithuba lokuthonya umuntu ukuba azikhulule ezibophweni ezingokomBhalo?

8 Yini enye uDeveli ayisebenzisayo ekuzameni ukusiphambukisa? Akazange yini azame njalo ukuvusa ukuhlubuka, abangele izinceku zikaJehova ukuba zigxeke labo abaholayo? Abanye bengase bathi, ‘Abadala bamane nje abaqondi. Bagxeka kakhulu, bafuna izinto eziningi.’ Omunye angase aqhubekele phambili futhi athi iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova noma abanye abazalwane abanomthwalo wemfanelo bazigaxa enkululekweni kanembeza ‘naselungelweni’ lomuntu ngamunye lokuchaza imiBhalo. Kodwa khumbula amazwi kaJosefa okuzithoba: “Ukuchaza akusikho okukaNkulunkulu na?” (Genesise 40:8) Futhi uJesu akazange yini aprofethe ngokuthi kulezinsuku zokugcina inhlangano yabagcotshiweyo, “inceku ethembekileyo neqondayo,” yayiyophathiswa umsebenzi wokulungiselela ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele? (Mathewu 24:45-47) Qaphela labo abazama ukuveza imibono yabo ephambene. Futhi qaphela labo abafuna ukusikhulula kuyo yonke imingcele noma abathembisa inkululeko, bethi oFakazi BakaJehova bayizigqila! UPetru wathi ngabafundisi bamanga: “Bathembisa inkululeko, kanti bona uqobo lwabo bayizigqila zokubhubha; ngokuba lokho umuntu ahlulwa yikho uyisigqila sakho.”—2 Petru 2:1, 19.

9. Ngokuvamile uyini umbono walabo abagxeka labo abaholayo?

9 Ngokuvamile siyini isisusa salabo abagxeka iNhlangano noma labo abaholayo? Ngokuvamile akukhona yini ukuthi ukusetshenziswa okuthile kwemiBhalo kubathinta ngokomuntu? Kunokuba bavumelane nemfundiso nesiqondiso esiphilileyo, bafuna ukuba iNhlangano ishintshe. Ake sikubonise lokhu ngezibonelo ezimbalwa:

10. Ukuphikelela ekugqokeni noma esitayeleni sokuzilungisa esingajwayelekile kungaphumela kanjani ‘ekunikeni komuntu uDeveli indawo’?

10 Umzalwane uphikelela ekugqokeni noma esitayeleni esithile sokuzilungisa esingajwayelekile. Abadala banomuzwa wokuthi akasona isibonelo esihle futhi abamnikezi amalungelo athile, njengokuya endaweni yesikhulumi ukuba ayofundisa. Uyacasuka, ethi abanye bazama ukumephuca inkululeko yakhe yobuKristu. Kodwa iyini imbangela yokucabanga okunjalo? Ngokuvamile akukhona yini ukuqhosha, umoya wokuzibusa, noma mhlawumbe isifiso sobuntwana sokuzenzela? Nakuba lokhu kubonakala kuyinto encane, umuntu ocabanga ngaleyondlela angase ‘anikeze uDeveli indawo.’ Kodwa uthando nokuzithoba kuyosibangela ukuba sigqoke futhi sizilungise ngendlela efanelekile, eyamukelekile. Kumelwe sifune ukwenza zonke izinto ngenjongo yokuqhubekisela phambili izindaba ezinhle hhayi ukuzijabulisa thina.—Roma 15:1, 2; 1 Korinte 10:23, 24.

11. Yini engase ibe imbangela yokubuza ngomthetho kaJehova wokuyeka igazi?

11 Ake sithathe esinye isibonelo. Ngezinye izikhathi ungezwa othile ebuza ukuthi ukwenqabela okungokomBhalo ngokumelene nokudla igazi ngempela kuyasebenza yini ekumpontshelweni igazi. Kodwa iyini imbangela yalokhu kucabanga? Ingabe ukwesaba—ukwesaba ukulahlekelwa ukuphila komuntu kwamanje noma ukuphila kothandekayo wakhe? Ingabe ithemba lovuko liyashabalala? AmaKristu athembekile awawulahli umthetho kaNkulunkulu noma afune izindlela zokuwululaza. Ukuyeka igazi lokuvuselela umzimba kufana nje nokuyeka ubufebe nokukhulekela izithombe, konke kulahlwa umthetho ofanayo wabaphostoli namadoda amadala aseJerusalema abawumisa ngokuqondiswa umoya.—IzEnzo 15:19, 20, 28, 29.

12. Kungani ukuthembeka okunephutha kumelwe kungasibangeli ukuba siphule izimfuneko ezingokomBhalo zokuba sigweme ubudlelwane nalabo abasusiwe?

12 Abanye abanesimo sokugxeka bathi inhlangano kaJehova inesandla esiqine kakhulu ngokuqondene nokunqamula ubudlelwane nabantu abasusiwe. (2 Johane 10, 11) Kodwa kungani abagxeki abanjalo bezizwa ngaleyondlela? Ingabe banobudlelwane obuseduze bomkhaya noma ukwethembeka okunephutha kumngane abakwenza kubaluleke kunokuthembeka kuJehova nasezindinganisweni zakhe nezimfuneko? Cabangela futhi ukuthi, ukuqhubeka nokuvumela ubudlelwane nomuntu oxoshiwe, ngisho nomuntu osondelene naye kakhulu njengesihlobo, kungase kwenze isoni siphethe ngokuthi inkambo yaso ayiyimbi kakhulu, futhi lokhu kusilimaze ngokwengeziwe. Nokho, ukugodla ubudlelwane obunjalo kungase kudale kuye isifiso salokho akulahlile nesifiso sokuphinde akuzuze. Indlela kaJehova ingengcono njalo futhi yenzelwe ukuvikela thina.—IzAga 3:5.

13. Isiphi isimo okumelwe sibe naso ngokuqondene nokushumayela kwasobala endlini ngendlu?

13 Futhi omunye umuntu angase ngephutha athi imiBhalo ayikusekeli ukushumayela kwasobala endlini ngendlu. Kodwa ingabe lokhu kungenxa yokuthi kakade akasawuthandi lomsebenzi obalulekile futhi ufuna izaba zokuwuyeka? Uthando ngoNkulunkulu nomakhelwane kumelwe lusishukumisele ukuba sibone ukuphuthuma kwalomsebenzi osindisa ukuphila. Nalapha, ukukhuthazela kuyadingeka. Umphostoli uPawulu wakhuluma ngokukhuthazela kwakhe ‘ekufakazeni kubaJuda nakumaGreki’ njengoba ayefundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu. (IzEnzo 20:18-21) Kunokuba sikhononde, akumelwe yini ngobuqotho silandele isibonelo sakhe esihle? Bheka izinkulungwane eziye zaqoqelwa ‘emhlanjini owodwa’ ngenxa yesibusiso sikaJehova esisemsebenzini wendlu ngendlu! (Johane 10:16) Futhi ungazikhohlwa izinzuzo ezinhle esizithola ngokuqeqesha nangokufundisa, ekuqiniseni ukholo lwethu, ngokungena indlu ngendlu ukuze sifinyelele abantu ngezindaba ezinhle.—Qhathanisa nezEnzo 5:42; 1 Thimothewu 4:16.

14. Ucabanga ukuthi kumelwe sisabele kanjani lapho abagxeki bebeka oFakazi BakaJehova icala ngokuthi abaprofethi bamanga?

14 Okokugcina, kumelwe sicabangele lokho iNhlangano eye yakukhipha esikhathini esidlule ngokuqondene nohlelo lwezikhathi emlandweni. Abanye abaphikisi bathi oFakazi BakaJehova bangabaprofethi bamanga. Labaphikisi bathi kuye kwamiswa izinsuku, kodwa akukho lutho oluye lwenzeka. Siyabuza futhi, siyini isisusa salabagxeki? Ingabe bakhuthaza ukuphaphama kubantu bakaNkulunkulu, noma, kunalokho, bazama ukuzithethelela ngenxa yokuhlehlela kwabo nyovane ekozeleni? (1 Thesalonika 5:4-9) Okubaluleke ngokwengeziwe, yini wena oyoyenza uma uzwa ukugxeka okunjalo? Uma umuntu ebuza ukuthi ingabe siphila “ezinsukwini zokugcina” zalesimiso, noma mhlawumbe eveza imibono yokuthi uNkulunkulu unomusa kangangokuba akanakulokotha abangele ukufa kwezigidi eziningi zabantu phakathi ‘nosizi olukhulu,’ kanjalo lomuntu usuke eseyilungisile kakade inhliziyo yakhe ukuba ilalele ukugxeka okunjalo.—2 Thimothewu 3:1; Mathewu 24:21.

15. Kunokuba ngabaprofethi bamanga, yini ebonisa ukuthi oFakazi BakaJehova banokholo eZwini likaNkulunkulu nasezithembisweni zalo eziyiqiniso?

15 Yebo, abantu bakaJehova kuye kwadingeka ukuba babuyekeze amathemba isikhathi ngasinye. Ngenxa yentshiseko yethu, sasinamathemba esimiso esisha ngaphambi kwesikhathi esimiswe uJehova. Kodwa sibonisa ukholo lwethu eZwini likaNkulunkulu nasezithembisweni zalo eziqinisekile ngokumemezela isigijimi salo kwabanye. Ngaphezu kwalokho, isidingo sokubuyekeza ukuqonda kwethu ngandlela thile akusenzi abaprofethi bamanga noma kuguqule iqiniso lokuthi siphila “ezinsukwini zokugcina,” ezizobona ngokushesha “usizi olukhulu” oluyolungiselela indlela yePharadesi lasemhlabeni. Yeka indlela okuwubuwula ngayo ukuthatha umbono wokuthi amathemba adinga ushintsho oluthile kumelwe enze yonke indikimba yamaqiniso ibe ngengabazekayo! Ubufakazi busobala bokuthi uJehova uye wasebenzisa futhi uyaqhubeka esebenzisa inhlangano yakhe eyodwa, ‘nenceku ethembekileyo neqondayo’ eholayo. Kanjalo, sizizwa njengoPetru, owathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe.”—Johane 6:68.

16, 17. (a) Ukusebenza kwamazwi kaJesu akuMathewu 7:15-20 kusiza kanjani ukubonakalisa inhlangano enesibusiso sikaJehova? (b) Iziphi ezinye zezithelo ezibonakala ekuphileni kwezinceku zikaJehova zeqiniso?

16 Kusepharadesi elingokomoya kuphela, phakathi koFakazi BakaJehova, lapho singathola khona uthando lokuzidela uJesu athi laliyophawula abafundi bakhe beqiniso. (Johane 13:34, 35) Ngezithelo zabo ezimbi, abaprofethi bamanga bayadaluleka ngalokho abayikho ngempela. Kodwa uJesu wabonisa ukuthi imithi emihle yayiyobonakala ngezithelo zayo ezinhle. (Mathewu 7:15-20) Futhi yeka izithelo ezinhle esinazo epharadesi elingokomoya! Ukwanda kwamanani okumangalisayo kuyenzeka ngokoqobo ezweni ngalinye. Izikhonzi ezijabulayo zoMbuso kaNkulunkulu ezingaphezu kwezi-3 000 000 emhlabeni wonke ziwubufakazi obuphilayo bokuthi uJehova unabantu bakhe emhlabeni.

17 Ngenxa yokuthi bafundiswa uNkulunkulu, ngempela oFakazi BakaJehova baveza izithelo zobuKristu ekuphileni kwabo. (Isaya 54:13) Abantu bakaJehova kuphela abaye bakhululeka ngokuphelele ekukholelweni ezeni kwaseBabiloni. Yibo kuphela abanenhlangano enamathela ngokuphelele kulokho iZwi likaNkulunkulu elikushoyo ngokuziphatha okubi kobulili, ukukhishwa kwezisu, ukudakwa, ukweba, ukuphinga, ukubandlululana kwezinhlanga, neminye imigomo nemikhuba yezwe. Futhi yibo kuphela abantu abalalela umyalo wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 24:14) Lona kanye iZwi likaNkulunkulu ngokungangabazeki likhomba oFakazi BakaJehova njengabantu abahlelekile abanesibusiso sakhe!

18. Lapho zihlangabezana nezimfundiso zezihlubuki, kumelwe sibe yini isimo sezinceku zikaJehova zeqiniso?

18 Yebo, siyaqiniseka kini nonke enikhuthazela ngokwethembeka nangobuqotho endleleni yobuKristu, ukuthi iqiniso likaJehova liselihle, liyanelisa—ngisho nangaphezu kwalapho niqala ukulizwa. Ngakho-ke, zimiseleni enhliziyweni yenu ukuthi aninakulokotha nithinte ushevu izihlubuki ezifuna ukuba niwuhabule. Lalelani iseluleko sikaJehova esihlakaniphile kodwa esinamandla sokugwema ngokuphelele labo abanganikhohlisa, baniphambukise, baniyise ezindleleni zokufa. Uma sithanda uJehova ngenhliziyo yethu yonke, umphefumulo, nengqondo, lapho sithanda umakhelwane wethu njengoba sizithanda thina, asinakusishiya isikhala sokungena kwemicabango yokuhlubuka. (Mathewu 22:37-39) ‘Asinakumnika uDeveli indawo’ futhi ngeke sibe nesifiso sokubheka kwenye indawo. Ngeke ‘sisheshe sinyakaziswe engqondweni yethu’ imfundiso ethile yokukhohlisa.—2 Thesalonika 2:1, 2.

19. Iyiphi inkambo eyosiqinisekisa ngokuthi ‘akukho-muntu oyosamuka umvuzo wethu’ wokuphila okuphakade?

19 Masilazise njalo ilungelo lethu lokuba sepharadesi elingokomoya likaJehova, lapho sijabulela khona izibusiso eziningi kangaka ezicebile. Siyabazi ababambelele ngokuthembekile emazwini okuphila okuphakade. Ngakho masibe nobudlelwane obuseduze nabo, sazi ukuthi bangabazalwane bethu nodade boqobo, abaqotho okholweni. Kwangathi singaqhubeka sinenjabulo efanayo nokwaneliseka esasinakho lapho siqala ukufunda iqiniso, sinesiqinisekiso somklomelo omkhulu wokuphila okuphakade esimisweni esisha sezinto sikaJehova. Njengoba uPawulu asho ngokufanelekile: “Makungabikho muntu onamuka umvuzo wenu!”—Kolose 2:18.

Ungaphendula?

◻ Kungani kuyiqiniso ukuthi akekho umuntu onqunyelwe kusengaphambili ukulahla ukholo?

◻ Ulaka, ukuqhosha, nokungabekezeli kungamvulela kanjani uDeveli indawo enhliziyweni?

◻ Ngokuvamile yini eyimbangela yokugxekwa kweseluleko esinikezwa yilabo abaholayo?

◻ Iziphi izithelo ezithelwa oFakazi BakaJehova ezibonisa ukuthi bawukuphela kwenhlangano uNkulunkulu ayisebenzisayo?

[Isithombe ekhasini 16]

Ngokwenqaba iseluleko, ‘singanika uDeveli indawo’

[Isithombe ekhasini 17]

Ukuqhosha kungaholela umuntu ekuweni angenakuphinde avuke kukho

[Isithombe ekhasini 19]

Izinceku zikaJehova ezimatasa nezijabulayo ‘azimniki uDeveli indawo’ noma imibono yezihlubuki

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela