Iseluleko Esihle Ngomshado Wesimanje
“Oh! Thenga labomagazini ubafunde,” kuphazamisa umakhelwane. “Uyazi ukuthi kungani ngithanda ukuba abafunde?” kubuza umakhelwane ebuza owesifazane owayehambisa omagazini. “Ngiyazibonga izincwadi zenu, ngibuyelene nomyeni wami. Bengimshiyile futhi esikhathini esingangonyaka nengxenye bengihleli nomama. Omunye wabantu benu wafika futhi wangishiyela incwadi, leyo kamuva engayifunda. Yangenza nganquma ukubuyela kumyeni wami. Ngiyaqhubeka ngifunda izincwadi zenu futhi manje ngisemshadweni ojabulayo.” Ngenxa yalokhu kutusa, umninikhaya wavele wabemukela omagazini.
INqabayokulinda ne-Phaphama! njalo baba neseluleko esisekelwe eBhayibhelini esiphathelene nezinkinga zomkhaya. Thumela kuphela u-R9,75, futhi uyothola labomagazini bobabili (ingqikithi yomagazini abathathu ngenyanga) onyakeni owodwa.
Sizani nithumele isikhokhelo sonyaka seNqabayokulinda nePhaphama! Ngifaka u-R9,75 ngomagazini abangama-36. Inombolo Yeposi Watch Tower Private Bag 2 Elandsfontein 1406