Iso LikaJehova “Laliphezu Kwamadoda Amadala”
ABADALA namuhla ngokuvamile kumelwe benze izinqumo ezibonakala zingaphezu kolwazi lwabo nokuhlangenwe nakho. Nokho cabangela isimo esasibhekene nabadala abangamaJuda ezinsukwini zikaEzra.
Ngemva kokubuya kwensali engamaJuda eBabiloni kwaba nesikhathi sokungasebenzi esiyiminyaka eyi-16. Abaprofethi uHagayi noZakariya baphumelela ekushukumiseni amaJuda ekudebeseleni kwawo, futhi umsebenzi wokwakha ithempeli likaJehova waphinde waqalwa. Nokho ngokushesha lomsebenzi wabekelwa inselele izikhulu ezingamaPheresiya. Abaphikisi babuza, “Ngubani owaniyaleza ukwakha lendlu nokuqeda lolugange na?”—Ezra 5:1-3.
Impendulo kulombuzo yayiyingozi. Uma abadala bazivumela ukuba besatshiswe, ukubuyiselwa kwethempeli kwakuzokuma ngokuzumayo. Uma abadala baphikisana nalezikhulu, ukuvinjelwa okungazelelwe komsebenzi kwakuzokwenziwa. Ngakho-ke abadala, (ngokungangabazeki ababeholwa nguMbusi uZerubabele nomPristi Omkhulu uJoshuwa) banikeza impendulo yokuhlakanipha kodwa ephumelelayo. Bakhumbuza izikhulu ngomthetho kaKoresi okwase kukudala zawukhohlwa owanikeza amaJuda imvume engokomthetho yokuqhubeka nalomsebenzi. Ngokwazi isimiso samaPheresiya sokungawushintshi neze umthetho omisiwe, lezikhulu ngokuhlakanipha zakhetha ukugwema ukuphikisana nomthetho wenkosi. Kanjalo umsebenzi wavunyelwa ukuba uqhubeke kwaze kwaba yilapho iNkosi uDariyu kamuva inikeza imvume yayo engokomthetho yokuqhubeka!—Ezra 5:11-17; 6:6-12.
Ingabe lomphumela omangalisayo wawungenxa yokuhlakanipha komuntu? Ngokuphambene, ukulandisa kukaEzra kuthi “iso likaNkulunkulu wabo laliphezu kwamadoda amadala akwaJuda.” (Ezra 5:5, NW) Ngokusobala, uJehova waqondisa kokubili impendulo yabo nokusabela okuhle kwenkosi yasePheresiya. Abadala abangamaKristu namuhla ngokufanayo bangabheka kuJehova ngokuholwa nokuqondiswa lapho bebhekene nezinqumo ezinzima noma besebenzelana nabaphikisi. UJehova uyaqinisekisa kumaHubo 32:8: “Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo; ngizakukululeka ngeso lami.”