Zivuselela Umoya
Izingoma ezithile zingakwenza ngempela lokho. Ngokwesibonelo, abantu abaningi bathi iziNgoma zoMbuso ziyakwenza. Lezi ziqoshwe kumakhasethi. Omunye owesifazane wabhala:
“Ngempela ukuzilalela kuyavuselela lapho ngenza umsebenzi wasendlini—ubani obengacabanga ukuthi bengingajabula lapho ngiqoqa izingubo ezingcolile? Ngihlela ukuzikhalisa lezingoma uma umoya wami uphansi. Izingoma zinethonya elishukumisayo! Ngijabula kakhulu ngobumnandi obuhlukene bomculo. Ezinye zilula futhi zinomdlandla, ezinye zinamandla futhi ziyaphasa. Kodwa eziningi zazo, ngayinye ingoma ivusa injabulo.”
Nawe ngokufanayo ungawajabulela lamalungiselelo avuselelayo. Ikhasethi leziNgoma zoMbuso, libiza u-R3,50 kuphela futhi lidlala isikhathi esingangehora. Zitholele ikhasethi elibhalwe ngezansi ngokugcwalisa futhi uthumele isigqebhezana esingezansi.
Ngicela ningithumelele ikhasethi leziNgoma zoMbuso ngesiZulu. Ngifaka u-R3,50 wezindleko.