Abagibeli Bamahhashi Abayimfihlakalo BesAmbulo
UBUKELA uthathekile njengoba, livuse umhlwenga nomsila namakhala liwafuthile, ihhashi lingqabashiya lehla emadwaleni. Umgibeli ongancengeki ubonakala enamathele esihlalweni sehhashi sengathi naye uyingxenye yenyama yaleli hhashi eligijimayo, litshakadula.
Kungakhathaliseki ukuthi uvakashele indawo yemfuyo yaseAustralia noma, ingxenye yezwe ukusuka lapho, amathafa edlelo aseMelika, ukubona umgibeli wehhashi okwazi ngempela ukuligibela kungawuthatha ngempela umqondo wakho. Okuhlaba umxhwele ngokufanayo ubuhle benkundla yamahhashi nabagibeli abaqeqeshwe kahle.
Abagibeli bamahhashi abanjalo nokugibela kwabo kusishiya sihlabeke umxhwele. Nokho, kuhlaba umxhwele ukubona amahhashi nabagibeli ababonwa umlobi wencwadi yesAmbulo! Bayimfihlakalo futhi bayesabeka. Labagibeli baye baziwa kabanzi njengaBagibeli Bamahhashi BesAmbulo.
Ake ucabange manje ngabagibeli abane abanekhono begabavula beqonde kuwe, omunye nokusho ephenduphendula inkemba! Phawula umbala wamahhashi abo. Yonke yehlukene. Elinye ihhashi limhlophe, elinye libomvu, elinye limnyama, futhi elinye linombala ophuzi onokuluhlaza ngokuphaphathekile. Ngempela ukubonakala kwawo kuyaxaka, kuyimfihlakalo.
Landela indaba eshukumayo yalokho umlobi weBhayibheli, umphostoli uJohane, akubona. Uthi: “Ngabona, bheka, nanto ihashi elimhlophe, nohlezi phezu kwalo ephethe umnsalo wanikwa umqhele, waphuma engonqobayo nokuyakunqoba. . . . Kwase kuphuma elinye ihashi elibomvu, nohlezi phezu kwalo waphiwa ukususa ukuthula emhlabeni, ukuze babulalane, wanikwa nenkemba enkulu. . . . Ngase ngibona, bheka, nanto ihashi elimnyama nohlezi phezu kwalo ephethe isilinganiso ngesandla sakhe. Ngase ngizwa kungathi izwi . . . lithi: Imbenge kakolweni [ngomholo wosuku] nezimbenge ezintathu zebhali [ngomholo wosuku] . . . Ngase ngibona, bheka, nanto ihashi elimpofu nohlezi phezu kwalo, igama lakhe lalingukuFa, neHayidese lalandelana naye; base benikwa amandla phezu kokwesine komhlaba ukuba babulalane ngenkemba, nangendlala, nangokufa, nangezilwane zomhlaba.”—IsAmbulo 6:2-8.
Kusukela lombono ubhalwa phansi okokuqala, incazelo yawo iye yadida abafundi abaningi kakhulu. La mahhashi ayimfihlakalo nabagibeli bawo kumelelani? Kwaqala nini ukugibela kwabo? Ingabe ukugibela kwabo kuyakuthinta ukuphila namuhla? Kuye kwanikezwa izincazelo eziningi ezihlukahlukene ngokuqondene nokuthi yini emelelwe yila mahhashi nabagibeli bawo, nokuthi ukugibela kwabo kuqala nini ngempela.
Umehluko omkhulu kakhulu utholakala encazelweni yehhashi elimhlophe nomgibeli walo. Ngokwesibonelo, iNew Catholic Encyclopedia ichaza ukuthi ihhashi elimhlophe limelela ‘ukunqoba kwevangeli noma ukubusa kwalo.’
Encwadini ethi Daniel and the Revelation, u-Uriah Smith unikeza lencazelo: “Ihhashi elimhlophe . . . liyisifanekiselo esifanelekayo sokunqoba kwevangeli ekhulwini lokuqala . . . Ubumhlophe behhashi bubonisa ubumsulwa bokholo ngaleyonkathi.”
IThe Expositor’s Bible ithi: “Ngaphansi komgibeli wokuqala sinikezwa injongo kaKristu kunobuntu bakhe, ekuqaleni impela kokunqoba kwayo, kanye nesithembiso sokunqoba kwayo kwesikhathi esizayo. . . . Sithola ukuthi lenjongo isemhlabeni, ukuthi lombuso uphakathi kwethu, nokuthi labo abawuphikisayo bazonqotshwa ngokuphelele.” Nokho, uWoodrow Kroll weThe Christian Jew Foundation, unomuzwa wokuthi umgibeli wehhashi elimhlophe unguMphikukristu.
Abanye baye basikisela ukuthi kunamahhashi nabagibeli abayisihlanu, hhayi abane kuphela. Ngakho singazi kanjani ukuthi iyiphi eqondile kulezincazelo eziningi? Singaqiniseka kanjani ukuthi kukhona ukuqonda okuyikho? Ibaphi labagibeli bamahhashi abayimfihlakalo besAmbulo, futhi ukugibela kwabo kwaqala nini?