Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 11/15 kk. 16-17
  • Ukushisekela Ukukhulekela UJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukushisekela Ukukhulekela UJehova
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukushisekela Ukukhulekela KukaJehova
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • UJesu Ushisekela Ukukhulekela Kweqiniso
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Isimangaliso Sesibili EKhana
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Isizathu Sokuza KukaJesu Emhlabeni
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 11/15 kk. 16-17

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Ukushisekela Ukukhulekela UJehova

NGEMVA komshado waseKhana, uJesu uya eKapernawume, umuzi oseduzane noLwandle lwaseGalile. Uhamba nabafundi bakhe, unina, nabafowabo, abangoJakobe, uJosefa, uSimoni, noJuda. Nokho, ngaphambi kokuthatha loluhambo, kungenzeka bama ekhaya lakubo kaJesu eNazaretha ukuze umkhaya ulungiselele izinto owawuyozidinga.

Kodwa kungani uJesu eya eKapernawume, kunokuba aqhubeke nenkonzo yakhe eKhana, eNazaretha, noma kwenye indawo ezintabeni zaseGalile? Kungenxa yokuthi, iKapernawume isendaweni eyaziwa kakhulu futhi ngokusobala ingumuzi omkhulu. Futhi, abafundi abaningi uJesu asanda kubathola bahlala eKapernawume noma eduze kwakhona, khona-ke akudingekile bashiye amakhaya abo ukuze ayobaqeqesha.

Ngesikhathi eseKapernawume, uJesu wenza izimangaliso, njengoba yena ngokwakhe akufakazela lokho ezinyangeni ezithile kamuva. Kodwa ngokushesha uJesu nabangane bakhe basendleleni futhi. Sekuyintwasahlobo, futhi basendleleni eya eJerusalema baya ephasikeni lika-30 C.E. Ngesikhathi belapho, abafundi bakhe babona okuthile ngoJesu abangakaze bakubone ngaphambili.

NgokoMthetho kaNkulunkulu, amaIsrayeli kudingeka enze umhlatshelo wezilwane. Ngakho-ke, ukuze babenzele lula, abathengisi eJerusalema bathengisa izilwane noma izinyoni ngenxa yalenjongo. Kodwa bathengisela khona phakathi ethempelini, futhi badla izimali zabantu ngokubakhokhisa kakhulu.

Egcwele intukuthelo, uJesu wenza inkalivasi ngezintambo futhi uxosha abathengisi. Uchitha imali yabashintshayo futhi ugumbuqela amatafula abo. Uthi kwabathengisa ngamajuba, “susani lokhu lapha, ningayenzi indlu kaBaba indlu yokuthengelana.”

Uma abafundi bakaJesu bebona lokhu, bakhumbula isiprofetho ngeNdodana kaNkulunkulu: “Ukushisekela indlu yakho kuyangidla.” Kodwa amaJuda ayabuza “Usitshengisa sibonakaliso sini ukuba wenze lokhu na?” UJesu uyaphendula: “Bhidlizani lelithempeli, ngizakulivusa ngezinsuku ezintathu.”

AmaJuda acabanga ukuthi uJesu ukhuluma ngethempeli elingokoqobo, kodwa ukhuluma ngethempeli eliwumzimba wakhe. Futhi eminyakeni emithathu kamuva ngesikhathi evuswa kwabafileyo abafundi bakhe bayawakhumbula lamazwi akhe. Johane 2:12-22; Mathewu 13:55; Luka 4:23.

◆ Ngemva komshado eKhana, yiziphi izindawo uJesu aya kuzo?

◆ Uthukutheliswa yini uJesu, futhi yini ayenzayo?

◆ Yini abafundi bakaJesu abayikhumbulayo uma bebona akwenzayo?

◆ UJesu wathini “ngalelithempeli,” futhi wayesho ukuthini?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela