“Lapho Uyifunda Ngokwengeziwe, Kulapho Futhi Uyithanda Ngokwengeziwe“
Ethi “Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni iyincwadi ephuma phambili elandelana eduze neBhayibheli,” kubhala umfundi wasePhilippines. “Akukho okunye ongakwenza ngaphandle kokuyithanda ngayo yonke inhliziyo yakho nomphefumulo wonke. Kakade sengiye ngayifunda kabili leyoncwadi kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni, futhi ngisalangazelela ukuphinda ngiyifunde. Lapho uyifunda ngokwengeziwe, kulapho futhi uyithanda ngokwengeziwe. Ifundisa kakhulu. . . . Lencwadi, uma isetshenziswa, yanele ukugumbuqela izwe.”
Lencwadi ethakazelisayo inamakhasi angama-256, anobukhulu obulinganayo nobalomagazini, futhi inemifanekiso efundisayo engaphezu kweyi-150, eminingi inemibala emihle. Gcwalisa futhi uthumele isiqeshana esingezansi, kanye no-R3,50, uzitholele eyakho.
Sizani ningithumelele, incwadi enoqwembe oluqinile ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Ngifaka u-R3,50.