Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Abafundi Bokuqala BakaJesu
NGEMVA kwezinsuku ezingama-40 esehlane, uJesu uphindela kuJohane owambhapathiza. Njengoba esondela, uJohane uthi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe. Nguye ebengisho ngaye, ngithi: Emva kwami kuza umuntu owavela ngaphambi kwami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.” Nakuba uJohane emdala kunomzala wakhe uJesu, uJohane uyazi ukuthi uJesu wayekhona ngaphambi kwakhe njengomuntu ongumoya ezulwini.
Ngosuku olulandelayo uJohane umi nabafundi bakhe ababili. Futhi, njengoba uJesu esondela, uthi: “Bheka, nanti iWundlu likaNkulunkulu.” Bezwa lokhu, labafundi ababili bakaJohane uMbhapathizi balandela uJesu. Omunye wabo nguAndreya, futhi ngokusobala omunye unguye kanye owaloba lezizinto, obizwa ngokuthi uJohane. LoJohane, ngokwezikhombo, ungumzala futhi kaJesu, uyindodana kadadewabo kaMariya uSalome.
Ephenduka futhi ebona uAndreya noJohane bemlandela uJesu uyabuza: “Nifunani na?”
Bayambuza, “Mfundisi uhlalaphi na?”
UJesu uyabaphendula, “Wozani nibone.”
Cishe sekuyihora lesine ntambama, futhi uAndreya noJohane bahlala noJesu lonke lolosuku. Kamuva uAndreya ujabula kakhulu kangangokuba uphuthuma ukuyolanda umfowabo, owayebizwe ngokuthi uPetru. Uthi kuye, “simfumene uMesiya.” Futhi uthatha uPetru umyisa kuJesu. Mhlawumbe uJohane, ngesikhathi esifanayo, uthola umfowabo uJakobe naye umletha kuJesu, uJohane uyakushiya lokhu kwaziswa komuntu siqu eVangelini lakhe.
Ngosuku olulandelayo, uJesu ufumana uFiliphu futhi uyammema: “Ngilandele.” UFiliphu wabe esethola uNathaniyeli, obizwa futhi ngokuthi uBartolomewu, futhi uthi: “Simfumene lowo aloba ngaye eMthethweni uMose kanye nabaprofethi, uJesu waseNazaretha.” UNathaniyeli uyangabaza. Uyabuza, “kungase kuvele okuhle eNazaretha na?”
UFiliphu uyammema, “Woza ubone.” Uma befika kuJesu, uthi kuNathaniyeli: “Ungakabizwa nguFiliphu uphansi komkhiwane, ngakubona.”
UNathaniyeli uyamangala. Uthi kuye, “Mfundisi, uyiNdodana kaNkulunkulu, uyiNkosi kaIsrayeli.”
Ngokushesha ngemva kwalokhu, uJesu nabafundi bakhe abasha abatholile bashiya isiGodi saseJordani futhi baya eGalile. Johane 1:29-51.
◆ Babengobani abafundi bokuqala bakaJesu?
◆ UPetru, mhlawumbe noJohane bethulwa kanjani kuJesu?
◆ Yini eyaqinisekisa uNathaniyeli ukuthi uJesu ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu?