Imibuzo Evela Kubafundi
◼ IBhayibheli lithi uSamsoni wadwengula ibhongo lengonyama ‘njengokungathi udwengula izinyane lembuzi.’ Ingabe lokhu kusho ukuthi kwakuvamile ngabantu bangalesosikhathi ukudwengula amazinyane ezimbuzi?
Cha, lenkulumo ngokunokwenzeka yayiwumfanekiso. Yayisho ukuthi ngezandla zakhe ezingenalutho uSamsoni wanqoba ingonyama kalula njengokungathi kwakuyizinyane lembuzi elingenakuzivikela.
USamsoni, ekhonza njengomahluleli kwaIsrayeli, waya eThimna ukuze athole “ithuba lokulwa namaFilisti.” Endleleni, wahlangana nengonyama ebhongayo, esencane, enamandla, futhi kungenzeka ukuthi yamhlasela. Umbhalo ongokomlando uthi amandla ayisiphekupheku kaNkulunkulu afika phezu kukaSamsoni “walidwengula [ingonyama enoboya obukhulu], kungathi udwengula izinyane lembuzi, engaphethe lutho esandleni sakhe.”—AbAhluleli 14:4-6.
Amanye amadoda amabili ombhalo weBhayibheli abulala izingonyama engasizwa muntu, kodwa uSamsoni kuphela okuthiwa wakwenza lokhu ngezandla engaphethe lutho. (1 Samuweli 17:36; 2 Samuweli 23:20) Ngaphezu kwalokho, ‘walidwengula.’ Uma lokho kwakusho ukuthi wadwengula phakathi imihlathi enamandla yengonyama, ngokusobala amaIsrayeli ayenamandla anele okwenza okufanayo ezinyaneni lembuzi. Kodwa abukho ubufakazi bokuthi ayenza into enjalo, asikho nesizathu sokuba azame ukwenza lokho. Ngakolunye uhlangothi, uma uSamsoni wadwengula ingonyama ‘eyihlukanisa phakathi’ ngendlela ethile, kungaba okungenakwenzeka ukuthi lenkulumo ngembuzi yayimane iyisifaniso nje. Iphuzu liwukuthi umoya kaNkulunkulu wanika uSamsoni amandla angaphezu kwawomuntu. Ngosizo olunjalo, ingonyama enamandla enolaka yayingasesabeki kuSamsoni ongahlomile kodwa yayisifana nezinyane lembuzi elingenakuzivikela kumuntu.
Isidumbu sengonyama efile kamuva sahileleka emfumbeni, sinikeza esinye isici sokunikeza kukaNkulunkulu uSamsoni amandla, kulesisikhathi owabulala izitha ezingama-30.—AbAhluleli 14:8-19.