Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Bathola Injongo Ethile Ekuphileni
KULELIZWE elonakele, nelingahlelekile abantu abaningi bafuna incazelo nenjongo ekuphileni. Bayabuza: ‘Kungani silapha? Savelaphi? Ikusasa lisiphatheleni?’ Abaningi baphendukela kuNkulunkulu ukuze bathole izimpendulo, futhi akabadumazi. (Mathewu 7:7, 8) Lokhu kwakungokuhlangenwe nakho komunye wesifazane eGreece. Uthi:
◻ “Ngangineminyaka eyi-14 ubudala lapho ngiqala ukuzibuza ngomuntu nenjongo yakhe ekuphileni. Ngemva kokutadisha ngenhlalo yabantu esikoleni, ngacabanga ukuthi ubudokotela buyophendula imibuzo yami kodwa ngayichitha imicabango enjalo lapho ngingenakuyichazelwa imvelaphi yomuntu.” Uyaqhubeka: “Imicabango yami yaphendukela ekufundeni izinkanyezi, futhi ngatadisha nezinkolo zaseMpumalanga, njengelslam nenkolo yaseTibet. Ngaqala ukusebenzisa imfundiso kaLama ekuphileni kwami, kamuva imimoya. Lapho ngithintana nemimoya, ngaba nomuzwa wokuthi manje ngase ngilitholile iqiniso. Izinkolo zaseNtshonalanga zazithi izinkolelo zazo zisekelwe eBhayibhelini, kodwa ngenxa yokuthi uthisha wami wezenkolo esikoleni wehluleka ukuphendula imibuzo yami ngeBhayibheli, ngaqhubeka nokusebenzisa imimoya, nokufunda izinkanyezi, nokulalisa umuntu ngomlingo.”
Ngo-1982 lona wesifazane wathintana noFakazi BakaJehova kodwa uthi: “Incazelo yabo ngeBhayibheli yayiqondakala kahle kakhulu uma kuqhathaniswa nezimfundiso ezingaqondakali engangizifundile. Kodwa okuthile kwakungikhuthaza njalo ukuba ngizame iBhayibheli. Ngakho, ngokuqhosha okukhulu ngemukela isifundo seBhayibheli ukuze ngibonise ukuthi oFakazi banamanga.”
Ngemva kokufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova cishe unyaka, uyachaza: “Manje ngibonga uJehova ngenhliziyo yami yonke ngokungisiza ukuba ngifunde iqiniso loqobo. Ekugcineni ngikhululekile kuzo zonke izimfundiso zamanga nezinkolelo. Iqiniso liyakhanya futhi kulula ukulithola eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Ekugcineni ngizitholile izimpendulo zemibuzo yami; manje ngiyazi ukuthi umuntu wavelaphi nenjongo ekuphileni.”
◻ Indoda engumGreki eneminyaka engama-27 ubudala ekuqaleni eyayihileleke ebukhomanisini nayo yathola injongo ekuphileni. Yafundela ubunjiniyela eJalimane, kamuva yaphindela eGreece futhi yabuthelwa ubusosha. Okuhlangenwe nakho kwayo kancane kancane kwayiqinisekisa ukuthi umuntu wayengasekho esimweni sokuxazulula izinkinga zakhe nokwenza ngcono ukuphila kwakhe. Ngaphambi kokuba lensizwa iye eJalimane, umakhelwane onguFakazi wakhuluma nayo ngeBhayibheli, futhi manje yakhumbula lezozingxoxo. Nokho, izinyanga ezimbalwa nje ngaphambi kokuba ikhululwe emasosheni, yatshela umphathi wabo omkhulu: “Angisazibheki njengesosha!” Umkhaya wayo waba nomuzwa wokuthi inezinkinga zengqondo futhi wayiphoqelela ukuba iye kodokotela bengqondo. Bayinika amaphilisi amaningi nemithi ehlukahlukene, okwayithinta ngokomzimba nangokwengqondo kwaze kwaba yilapho iyeka ukuwasebenzisa.
Yatholwa oFakazi ababili enkonzweni yabo yendlu ngendlu futhi yaqala ukufunda iBhayibheli nabo. Ngemva kokuletha ukuphila kwayo ekuvumelaneni nezimfuneko zikaJehova, yaba ummemezeli wezindaba ezinhleoeshisekayo. Ngo-1984 yahlanganyela eSikhumbuzweni kuhlanganise nezihlobo eziyi-10 eyayizimemile.
Yebo, iye yathola injongo ekuphileni, manje inesifiso sokukhonza uJehova njengephayona elikhethekile. Ithemba layo liwukuthola ukuphila okuphakade oHlelweni Olusha lukaNkulunkulu lokulunga.—Isaya 65:17, 18.