Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Ukufunda Ezilingweni ZikaJesu
NGOKUSHESHA ngemva kokubhapathizwa kwakhe, uJesu uholelwa umoya kaNkulunkulu ehlane laseJudiya. Kunokuningi okumelwe acabange ngakho, ngoba ekubhapathizweni kwakhe “izulu lavuleka” ukuze aqonde izinto zasezulwini. Kanjalo uJesu manje ukukhumbula ngokugcwele ukuphila kwakhe njengendodana kaNkulunkulu yomoya, kuhlanganise nazo zonke izinto uNkulunkulu azikhuluma kuye. Ngempela, kunokuningi okumelwe azindle ngakho!
UJesu uba nezinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40 esehlane futhi akadli lutho phakathi nalesikhathi. Khona-ke, lapho eselambe kakhulu, uDeveli uyasondela ukuze amlinge, ethi: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho ukuba lawamatshe abe-yizinkwa.” Kodwa uJesu uyazi ukuthi akulungile ukusebenzisa amandla akhe ayisimangaliso ekwaneliseni izifiso zakhe siqu. Ngakho uyenqaba ukulingwa.
Kodwa uDeveli akayeki. Uzama enye indlela. Utshela uJesu ukuba aziphonse odongeni lwethempeli ukuze izingelosi zikaNkulunkulu zimsindise. Kodwa uJesu akalingeki ukuba enze umbukiso onjalo. Ecaphuna emiBhalweni, uyabonisa ukuthi akulungile ukufaka uNkulunkulu ovivinyweni ngalendlela.
Esilingweni sesithathu, uDeveli ubonisa uJesu yonke imibuso yezwe ngendlela eyisimangaliso futhi uthi: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi.” Kodwa nalapha uJesu uyenqaba ukwehlulwa isilingo sokwenza okubi, ukhetha ukuhlala ethembekile kuNkulunkulu.
Singafunda kulezilingo zikaJesu. Ngokwesibonelo, zibonisa ukuthi uDeveli akasona nje isici sobubi, njengoba kusho abanye abantu, kodwa ukuthi ungumuntu ongokoqobo, ongabonakali. Isilingo sikaJesu sibonisa futhi ukuthi bonke ohulumeni bezwe bangabakaDeveli. Ngoba ukuthembisa kukaDeveli ukuyinika uKristu kwakungaba kanjani isilingo sangempela uma babengebona abakhe ngempela?
Futhi cabanga ngalokhu: UDeveli wathi wayezimisele ukumvuza uJesu ngenxa yesenzo esisodwa sokukhulekela, amnikeze ngisho yonke imibuso yezwe. UDeveli angase azame ukusilinga ngendlela efanayo, mhlawumbe asigabisele ngamathuba okuthola umcebo wezwe, udumo, noma isikhundla. Kodwa yeka ukuthi besingabe sihlakaniphe kanjani ngokulandela isibonelo sikaJesu ngokuhlala sithembekile kuNkulunkulu kungakhathaliseki ukuthi izilingo ziyini! Mathewu 3:16; 4:1-11; Marku 1:12, 13; Luka 4:1-13.
◆ Kusho ukuthini ukuthi izulu lavulekela uJesu?
◆ UDeveli wazama kanjani ukulinga uJesu?
◆ Yini esingayifunda ezilingweni zikaJesu?
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 25]