Inkolo—Ingabe Ingamandla Ahlanganisayo?
INGABE inkolo isiyonke iye yaba amandla ahlanganisayo ezweni? Noma iye yaba amandla abangela ukufa nencithakalo? Ekuphenduleni kumelwe sithi, izwe liye laba sekhulwini leminyaka leziphithiphithi—ezinye zabangelwa ubuzwe kodwa zaqhutshelwa phambili inkolo. Kusukela ngo-1909, okungenani iziphithiphithi ezinkulu zezwe eziyi-14 ziye zaba nomsuka ongokwenkolo. “Kusukela endulo kuze kube namuhla,” kusho uErnest Lefever, umongameli woMnyango Wokuziphatha Okuhle Nokuphathwa Komphakathi eWashington, D.C., “zimbalwa kakhulu izimpi eziye zaliwa lapho inkolo ingazange okungenani ibe nengxenye ethile.”
Nokho, ngokucatshangelwayo, inkolo imelwe ikwazi ukugcina izwe linokuthula. UMike Royko, umhleli wephephandaba elingokomthetho uthi: “Uma amasosha ayenqaba ukubulala othile ngenxa nje yokuthi banenkolo efanayo, bekuyoba nzima [kakhulu] ukugcina impi iqhubeka.” Khona-ke emva kokuphawula indlela abantu benkolo efanayo engeyona eyobuKristu abaye “babulalana ngayo ngentshiseko omunye nomunye ngamashumi ezinkulungwane,” uthi: “Ngisho namaKristu awazange neze akwenyanye ukulwa namanye amaKristu. Uma akwenyanya, eziningi zezimpi ezazivusa amadlingozi eYurophu zazingeke zibe khona.”
Khona-ke, kuyamangalisa yini, ukuthi abantu abaningi abafuni lutho oluphathelene nenkolo? Amakhasi omlando ngokuphindaphindiwe aye angcoliswa igazi lezinkolo ezilwayo eziye zangalinaka iZwi likaNkulunkulu iBhayibheli elingcwele noma eziye zasonta incazelo yalo ukuze livumelane nezifiso zazo zobugovu.
Nokho, indlela yokuphila njengoba ihlelwe eBhayibhelini, uma ilandelwa kahle, ayiholeli eziphithiphithini kodwa kuphela ekuthuleni nasebunyeni. (IzAga 3:1-6) UJesu wayala abandeli bakhe ukuba ‘bathande izitha zabo, benze okuhle kwababazondayo.’ (Luka 6:27) UJesu futhi wakhomba ophawini olwahlukanisayo lwabalandeli bakhe boqobo lapho ethi: “Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”—Johane 13:35.