Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 8/1 k. 32
  • Ikhambi Lemizwa Ekhathazayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ikhambi Lemizwa Ekhathazayo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 8/1 k. 32

Ikhambi Lemizwa Ekhathazayo

Ngenxa yezinkinga eziningi abantu abanazo kulezinsuku zanamuhla, akumangalisi futhi ukuthi kunezifo eziningi ezihlobene nokucindezeleka. Omunye ugogo waseCanada uchaza isimo sakhe, nokuthi ulithola kanjani ikhambi.

“Ngikhulisa umzukulu womfana oneminyaka eyi-11 futhi muva nje ngithole owentombazane oneminyaka eyi-14 ukuba ngizame ukumsiza. Nginemizwa ekhathazayo, kodwa ngimane ngithanda ukunazisa ukuthi lapho ngizizwa ngicindezeleka angithandazi nje kuphela kuJehova kodwa ngiye ngathola nokunye okusiza ngempela.

“Ngiyeka engikwenzayo ngilale noma ngihlale phansi ngivulele amakhasethi amaKingdom Melodies. Ngivala amehlo ami futhi ngisuse eminye imicabango emqondweni wami ngokuzikhumbuza ngokusemandleni ami amazwi njengoba umculo udlala. Lapho ngivuka, ngizizwa ngingcono kakhulu futhi ngibuye ngikwazi ukuqhubeka.”

Nawe, ungazuza kulamalungiselelo omculo anempilo, naqabulayo. Ngalinye lamakhasethi ayisihlanu, amaKingdom Melodies u-No. 1, 2, 3, 4, no-5 libiza u-R3 kuphela futhi lidlala isikhathi esicishe sibe ihora. Thola amakhasethi alotshwe ngezansi ngokugcwalisa nokuthumela ikhuphoni elingezansi.

Sizani ningithumelele amakhasethi aphawulwe ngezansi. Ngekhasethi ngalinye engili-odile ngifake u-R3 ukuze ngihlangabezane nezindleko.

[ ] Kingdom Melodies 1 [ ] Kingdom Melodies 2

[ ] Kingdom Melodies 3 [ ] Kingdom Melodies 4

[ ] Kingdom Melodies 5

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela