“Ikhambi Ezinkingeni Zethu Zonke”
Lokhu ilokho osemusha wasePuerto Rico athi kutholakala encwadini ethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo. Wabhala:
“Muva nje nginibhalele ngenkinga ebenginayo, ukushaya indlwabu, futhi ngacela ukuba ningisize ninginikeze iseluleko ngokukhipha ukwaziswa kumagazini wenu. Nokho, umngane wami, omunye woFakazi BakaJehova, wanginika incwadi ethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo ukuba ngiyifunde. Lokhu kwenzeka cishe esikhathini esingangenyanga esidlule. Ngizothanda ukunazisa ukuthi kusukela ngaqala ukufunda isahluko 5 salencwadi, angiphindanga ngawenza lomkhuba. Ngiye ngaqaphela ukuthi ukushaya indlwabu akusiyo ngempela into umuntu ayidingayo. . . .
“Bengingathanda uma wonke umuntu osemusha ubengafunda lencwadi, kungakhathaliseki inkolo akuyo. Bonke abantu abasha banezinkinga ezifanayo, futhi lencwadi injengegugu, ngoba inekhambi ezinkingeni zethu zonke. . . . Kumelwe niqhubeke nikhipha izincwadi zabasha ezweni eligcwaliswe imilaliso nokuziphatha okubi, lencwadi injengengilazi yamanzi abanda kakhulu aqabulayo.”
Ngaphandle kokuxoxa ngokushaya indlwabu nobungqingili, lencwadi ihlanganisa ukusetshenziswa kwemilaliso nophuzo oludakayo, imidlalo, umculo, ukudansa, ukuphola, ukuqomisa, nezinye izindaba eziningi ezithinta abasha. Zitholele eyakho ngokugcwalisa nokuthumela lelikhuphoni elingezansi.
Sizani ningithumelele incwadi enoqwembe oluqimle enamakhasi ayi-192 Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo. Ngifaka u-R1,40.