“INqabayokulinda”—Iwusizo Ekuvimbeleni Ubugebengu
UNAOMI intombazane eneminyaka eyisikhombisa ubudala ehlala eManchester eNgilandi ngenjabulo enkulu wabhalela ihhovisi leWatch Tower Society laseLandani: “Lapho ngiya eposini lakithi, ngabona iphepha elikhulu lesaziso lomunye womagazini bethu, owawunowesifazane owayentshontshelwa isikhwama sakhe indoda eyayiphethe ummese. Iphoyisa laseGreat Manchesfer liye lawukopisha ukuze lixwayise abantu ngobugebengu!” Yini eye yenza kwaba nalesisaziso ngokuvimbela ubugebengu esingajwayelekile?
Ngesikhathi efakaza emgwaqweni waseManchester omunye woFakazi BakaJehova wahambisela enye indoda INqabayokulinda kaNovember 1, 1984, enesihloko esithi “Izikhathi Zethu Ezinzima—Kungani Zinobudlova Obungaka?” Lendoda yafaka lomagazini ephaketheni layo, kodwa yagetshengwa endleleni eya ekhaya. Njengoba yayihlezi phansi ilulama esenzakalweni esishaqisayo, yakhumbula lomagazini futhi yaqala ukuwufunda. Ngesikhathi ivakashelwa isikhulu soMnyango Wamaphoyisa Wokuvimbela Ubugebengu, yasibonisa lomagazini, iphawula ukuthi yayingacabangi neze ukuthi ingase ibe isisulu sokugetshengwa.
Isikhulu sahlatshwa umxhwele kakhulu isithombe esasingaphandle, sithi siqukethe imininingwane ekhanyayo yakho konke okwakudingekile ukuze kuxwayiswe imiphakathi ngezingozi zobugebengu. Imvume yokunyathelisa kabusha lesithombe njengesaziso ngokuvimbela ubugebengu yanikezwa ngokushesha, okwaphumela ekusakazweni kwawo okuyizi-3 000 endaweni yaseGreat Manchester.