Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 6/15 kk. 20-21
  • Umntwana Wesithembiso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umntwana Wesithembiso
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umntwana Wesithembiso
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Umntwana Owayethenjisiwe
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Wafinyelela ‘Iziphetho Enhliziyweni Yakhe’
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Lokho Esingakufunda Esibonelweni SikaMariya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 6/15 kk. 20-21

Ukuphila Nenkonzo KaJesu

Umntwana Wesithembiso

ESIKHUNDLENI sokubuyela eNazaretha, uJosefa noMariya basala eBetlehema. Futhi lapho uJesu enezinsuku eziyisishiyagalombili ubudala bayamsoka, njengokusho kukaNkulunkulu eMthethweni kaMose. Kubonakala kuyisiko futhi ukuqamba ingane ezelwe igama ngosuku lwesishiyagalombili. Ngakho baqamba ingane yabo ngokuthi uJesu, njengoba ingelosi uGabriyeli iye yabaqondisa ngaphambili.

Isikhathi esingaphezu kwenyanga siyadlula futhi uJesu usenezinsuku ezingama-40 ubudala. Bamyisaphi manje abazali bakhe? Ethempelini eJerusalema, elingamamayela ambalwa ukusuka lapho behlala khona. Ngokomthetho kaNkulunkulu izinsuku ezingama-40 ngemva kokuba umntwana wesilisa ebelethiwe, unina kudingeka ayise umnikelo wokuhlanjululwa ethempelini.

Yilokho uMariya akwenzayo. Kodwa uletha izinyoni ezimbili ezincane njengomnikelo wakhe. Lokhu kwembula okuthile ngesimo sezomnotho sikaJosefa noMariya. UMthetho kaMose ubonisa ukuthi iwundlu elingcono kakhulu kunezinyoni, kwakumelwe linikelwe. Kodwa uma unina ehluleka kulokhu, amahobhe amabili noma amajuba amabili ayeyokwenela.

Ethempelini indoda esikhulile igona uJesu. Igama layo nguSimeyoni. UNkulunkulu uye wayembulela ukuthi ngeke ife ingakamboni uKristu othenjisiwe kaJehova, noma uMesiya. Lapho uSimeyoni efika ethempelini ngalolusuku, uqondiswa umoya ongcwele enganeni ephethwe uJosefa noMariya.

Njengoba uSimeyoni ephethe uJesu ubonga uNkulunkulu, ethi: ‘Uye wasigcina isithembiso sakho, ngokuba amehlo ami abonile insindiso yakho oye wayilungiselela.’ UJosefa noMariya bayamangala lapho bezwa lokhu. Khona-ke uSimeyoni uyababusisa futhi utshela uMariya ukuthi indodana yakhe ‘imiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi kuIsrayeli’ nokuthi ukudabuka, njengenkemba ebukhali, kuyakudabula umphefumulo wakhe.

Okhona kulesenzakalo umprofethikazi oseneminyaka engama-84 othiwa nguAna. Eqinisweni, akasuki ethempelini. Ngalelohora wasondela futhi waqala ukubonga uNkulunkulu nokukhuluma ngoJesu kubo bonke ababemlalela.

Yeka injabulo lezenzekalo ezenzeka ethempelini ezayiletha kuJosefa noMariya! Ngokuqinisekile, lokhu kwakumane kubaqinisekisa ukuthi umntwana ungoThenjisiwe kaNkulunkulu. Luka 2:21-38; Levitikusi 12:1-8.

◆ Isiko lokuqamba umntwana wesilisa womIsrayeli igama lakhe kubonakala ukuthi laliba nini?

◆ Yini eyayidingekile ngowesifazane ongumIsrayeli lapho indodana yakhe yayisinezinsuku ezingama-40 ubudala, futhi ukugcwaliseka kwalemfuneko kwasembula kanjani isimo esingokomnotho sikaMariya?

◆ Obani ababona uJesu kulesisenzakalo, futhi kanjani?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela