Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Ingabe zikhona izinto okumelwe sigweme ukuzisho lapho sithandaza kuJehova?
Yebo, zikhona. Kumelwe sigweme ukusho izinto emithandazweni yethu ezizwakala zijwayeleke ngokweqile futhi ezisikisela kwabanye (emithandazweni eyenziwa eningini) ukuthi asihloniphi. Amazwi anjengathi “Sawubona, Jehova” nathi “Usikhonzele kuJesu,” akufaneleki, ngisho namazwi ahlekisayo noma ngisho namahlaya emithandazweni yethu. Ngani?
Ngesizathu esisodwa, lapho amazwi anjalo esetshenziswa emthandazweni weningi, asenokuthusa noma acasule labo abalalele. (Roma 14:21) Kodwa kunesizathu esijulile sokuthi kungani amazwi anjalo kumelwe agwenywe, ngisho nasemithandazweni yethu yangasese. Lawa amazwi esiwasebenzisa engxoxweni phakathi kwabantu esilingana nabo. Lapho esetshenziswa emthandazweni, asikisela ukuntula ukwesaba nenhlonipho, futhi anikeza umqondo wokuthi lowo othandaza ngaleyondlela usekhohliwe ukuba kwakhe yize uma eqhathaniswa noJehova.—Genesise 18:27; qhathanisa noLuka 18:9-14.
Kuyiqiniso ukuthi amaKristu akhuthazwa ukuba abe nobuhlobo obuseduze noJehova. Siyamthanda futhi unguBaba wethu wasezulwini. (Mathewu 6:9; 22:37) Eqinisweni, abanye abantu bangase babizwe ngabangane bakhe. (Jakobe 2:23) Ngaphezu kwalokho, simenywa ukuba sikhulume noJehova ngesibindi futhi siveze imicabango yethu ejulile nezinkinga zomuntu siqu kuye.—IHubo 55:1, 2; Filipi 4:6; Heberu 4:16; 1 Johane 3:21, 22.
Noma kunjalo, uJehova ufuna isimo esifanele kulabo abaya kuye ngomthandazo. Wathi: “Kepha yilowo engiyakubheka kuye: ohluphekayo nonomoya ochobozekileyo, othuthumela ngezwi lami.” (Isaya 66:2) Ubuqotho benhliziyo nabo buyimfuneko. “Phendukelani kimi ngenhliziyo yenu yonke,” kusho uJehova kubantu bakhe. (Joweli 2:12, 13) Phambi kwakhe asinalutho esingathi lusifanele, asinasizathu sokulindela okuthile, asinalungelo lokufuna ngenkani.
IBhayibheli linika lomyalo futhi kulabo abathandaza kuJehova: “Ngalokho abantu bayamesaba; kepha akanaki abazishaya izihlakaniphi ngenhliziyo.” “Uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo; uyezwa ukukhala kwabo, abasindise.” (Jobe 37:24; IHubo 145:19; bheka futhi IHubo 39:5, 12.) Ngakho-ke, lapho uJehova ekulungele ngaso sonke isikhathi ukulalela imithandazo yethu, indlela esikhuluma ngayo kuye kumelwe ibonise umuzwa wethu wokungafaneleki, kanye nenhlonipho yethu enkulu ngaye. Noma iyiphi enye indlela iyosikisela ukuzazisa, ukuntula ukuzithoba, noma ukuntula ukuzimisela.
Ngezinye izikhathi abantwana emithandazweni yabo basebenzisa amagama ajwayeleke kakhulu abangela ngisho nabazali ukuba bamamatheke. Izinkulumo ezinjalo zibonisa ukungazi kobuntwana okusithinta inhliziyo futhi zibonisa ukuthi uJehova ungokoqobo kanjani kubo. Noma kunjalo, abantu abadala, ngolwazi lwabo olukhulu ngalokho okuhilelekile, kumelwe bagweme ukudlala. Kufanele basondele kuJehova ngobuqotho, ngenhlonipho, ngokuthobeka, ngesizotha nangokuzimisela.—1 Korinte 13:11.