Isenzakalo Esijabulisa Ngokuphindiwe
UMARCH 3, 1985, wawuyisenzakalo esijabulisa ngokuphindiwe, ikakhulukazi ngabafundi abangama-42 beklasi lama-78 besikole seBhayibheli saseGiliyadi seWatchtower. Kwakungelona kuphela usuku lokukhishwa kweziqu—isizathu esanele sokujabula—kodwa futhi kwakuqala ukuba ukukhishwa kweziqu zaseGiliyadi kwenzelwe ehholo lomhlangano elisha laseBrooklyn, elalinikezelwe ngayizolo.
Ngehora leshumi ekuseni, izihlalo zehholo eziyizi-2 400 zazigcwaliswe uquqaba lwabantu olwalunabafundi abazothweswa iziqu, imikhaya yabo nabangane, futhi okwabe kungokokuqala eminyakeni eminingi yokuthweswa kweziqu zaseGiliyadi, ukuba khona komkhaya wonke waseBrooklyn. Kwakunomoya wenjabulo enkulu. Futhi ingxoxo yayigxile kakhulu ekukhulumeleni indlela abazalwane abaye balakha kahle ngayo ihholo. Kwakusobala ukuthi akekho owayegodle injabulo nokwazisa okwakuchichima enhliziyweni yakhe.
Ngesikhathi esifanelekile sehora leshumi ekuseni, uTheodore Jaracz, usihlalo wosuku, wamukela ababekhona. Wenza ukuba kunanelwe ngehlombe elikhulu lapho ethi nje: “Kumnandi ukuba lapha, akunjalo?” Ngokusobala, wathinta abangathintwa ngalawomazwi.
Isihloko senjabulo sabonakala sigxile kakhulu ezingqondweni zezikhulumi zosuku. UGeorge Gangas weNdikimba Ebusayo wakhuluma ngesihloko esithi “Jabulela Injabulo Enkonzweni Yezithunywa—Kanjani?” Watshela abafundi ababethweswa iziqu ukuthi njengoba uJehova ayesebenzisa izingelosi esikhathini esidlule, “uJehova uzosebenzisa nina ukuba nikhulule abantu ejele likaSathane.” Cabanga ngenjabulo lokhu okuyoyiletha kubona! Khona-ke uDaniel Sydlik wayala abafundi ukuba “bathathe umngane oseduze” njengoba beya ezabelweni zabo zakwamanye amazwe. IBhayibheli liyilowo mngane. Wabatshela ukuthi, bangathembela kulo ngehora lendingeko. Linamandla kangangokuthi umusho nje, noma ngisho izwi, elivela kulo ngezinye izikhathi lanele ukuba lisize othile. Lifunde futhi ulilalele nsuku zonke, wanxusa abafundi, futhi nisize abanye benze okufanayo.
Echaza kabanzi ngendaba yenjabulo, uRobert Wallen weKomiti Yomkhaya WaseBethel wakhuthaza abafundi ukuba bagcine umbono wokuthi, “Ngilapha! Thuma mina,” noJoel Adams weKomiti Yomnyango Wenkonzo watshela iklasi: “Ukuze sijabulele injabulo ngesilinganiso esigcwele, kumelwe sizinikele ngokuphelele ekwenzeni intando kaNkulunkulu. Lokhu okubili ngeke wakuhlukanisa.”
Abafundi futhi bathola iseluleko sokuvaleliswa kubafundisi babo ababili. U-Ulysses Glass wabakhumbuza ukuthi “ukuphila njengesithunywa sevangeli akunakuba into elula njalo.” Elandisa ngedrama engokwesiprofetho kaEliya noElisha, wabakhuthaza ukuba balingise isigaba sikaElisha wanamuhla futhi banamathele emsebenzini wabo kuze kube sekupheleni. UJack Redford wamangalisa wonke umuntu ngokuthi: “Nyakenye ngahlangana nomuntu ongazange aze alenze iphutha eminyakeni eyizi-4 000.” Wayebhekisela esidumbwini somuntu waseGibithe esihlala emnyuziyamu esiqholwa ngemithi ethile ukuba singaboli. Iphuzu, eqinisweni, laliwukuthi kuphela abantu abafileyo abangawenzi amaphutha. Kodwa lapho senza amaphutha, ingabe senza njengoSawule, owazama ukuzilungisela amaphutha akhe, noma njengoDavide, owayesheshe awavume awakhe? Imibuzo ebizela ukucabanga ngempela!
Isikhulumi sokugcina sasekuseni sabe singumongameli wesikole seBhayibheli saseGiliyadi seWatchtower, uF. W. Franz. Ebiza ukumiswa kwesikole saseGiliyadi “njengesibonakaliso esimangalisayo sokholo,” walandisa ngendlela isikole esiye sathuthukisa ngayo umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso emhlabeni kabanzi. Manje abafundi abangama-42 beklasi lama-78 banelungelo lokuya ezindaweni eziyi-14 ukuba bayosiza ngalomsebenzi omkhulu.
Ngemva kokuthola iziqu, omunye wabafundi, uGordon Grant, waya phambili wafunda incwadi yokwazisa evela eklasini. Wathi, “Safika singamadoda nabesifazane abampofu, nakuba singazange sikuqaphele lokho ngalesosikhathi. Namuhla, ekupheleni kwezinyanga nje eziyisihlanu, sesihamba singabacebile futhi abondlekile.” Bazimisele ukusebenzisa kahle ukuqeqeshwa kwabo nemicebo engokomoya ezabelweni zabo ezintsha.
Isimiso santambama saqala ngokuthi abafundi bahlanganyele esifundweni seNqabayokulinda esifingqiwe esasiphethwe uCalvin Chyke weKomiti Yefektri. Khona-ke abafundi babe sebebuyekeza okuhlangenwe nakho okungokomoya kanye nezingoma ezithile, beqokomisa lokho abaye bakufunda ngokumane nje babuke nangokuhlanganyela nomkhaya waseBethel nabanye. Ekuphetheni, badlala idrama yeBhayibheli ethinta inhliziyo, esekelwe esigigabeni sendaba kaJosefa nabafowabo. Baningi abagcwala izinyembezi ezilalelini.
Lapho usihlalo ephetha uhlelo losuku, bonke ababekhona bavuma ngomphefumulo wonke ukuthi kwakumnandi ngabo ukuba babe lapho. Yebo, kwakuwusuku olwalugcwaliswe izinto ezinhle ezingokomoya—isenzakalo esijabulisa ngokuphindiwe!