Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 6/1 k. 21
  • Ukufuna Iqiniso Kwavuzwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufuna Iqiniso Kwavuzwa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “[Uyajabula] Umuntu Othola Ukuhlakanipha”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Ukusuka Ekucindezelekeni Ukuya Enjabulweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ukuxazulula Izinkinga Zentsha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Ukuzimisela Ukuphila Ngezindinganiso Zokuziphatha ZikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 6/1 k. 21

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Ukufuna Iqiniso Kwavuzwa

IBHAYIBHELI lisitshela ukuthi “mfuneni uJehova, . . . nimbize.” (Isaya 55:6) UJehova watshela uSolomoni ukuthi: “Uma umfuna [uJehova], uyakufunyanwa nguye.” (1 IziKronike 28:9) Intombazane eFinland yafuna iqiniso ngoJehova futhi yavuzwa ngokucebile.

Yayiyilungu leSonto loMbuso waseFinland futhi yayiya esikoleni sokuqiniswa inethemba lokuthi iyothola iqiniso ngoNkulunkulu. Nokho, yadumazeka. Babengalifundi kakhulu iBhayibheli esikoleni. Eqinisweni, umfundisi wamxwayisa ngokuthi angalifundi, njengoba laliyosonta ukulinganisela kwengqondo yakhe.

Nokho, yaqala akufunda iBhayibheli ngemva kokuba iqede esikoleni. Yaya futhi esontweni, kodwa ayizange ikuthole ukwaneliseka lapho. Khona-ke yaya eSontweni LikaMoya lapho ‘yaqala ukushisekela ukholo.’ Bayithandazela futhi bayitshela ukuthi manje yayisiluzuzile ukholo. Kodwa ayizange izizwe isondelene noNkulunkulu ukudlula indlela eyayizizwa ngayo ngaphambili.

Yabhalela “iGang and Street Service Center” ukuze ithole usizo, kodwa bayinikeza inombolo yocingo kuphela. Lapho ishaya, ucingo lwaphendulwa ngumWeseli owayisholo umkhuleko futhi wayitshela ukuthi kwakungenandaba ukuthi iliphi isonto eyayiya kulo uma nje ingajoyinanga oFakazi BakaJehova noma amaMormons!

Yaya ePeople’s Mission futhi yanikezwa amapheshana ukuba iwadlulisele kubantu ayenesihloko esithi OFakazi BakaJehova, Abakhohlisi Besikhathi Sokuphela. Nalokhu futhi akuzange kuyanelise ekufuneni kwayo iqiniso noma kuyinikeze injongo ekuphileni.

Khona-ke yavakashela u-anti wayo owayimangaza ngokuyitshela ukuthi wayekholelwa ikuthi oFakazi BakaJehova bafundisa iqiniso. U-anti wayifundela ngesineke imibhalo eyayinikeza ubufakazi bokuthi kwakuyinjongo kaNkulunkulu ukwenza lomhlaba ube yipharadesi, futhi wayeseyinikeza incwadi ithi IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade. Intombazane yayifunda incwadi ngenjongo yokuthola amaphutha kuyo—ukuze iyiphikise—kodwa kunalokho yabona masinyane ukuthi yayiqukethe iqiniso, yayibonisa njongo yokuphila leyo eyayiyifuna. Yabhalela abashicileli bayo icela ezinye izincwadi futhi yacela othile ukuba ayivakashele. Emva kwezinsuku ezimbili kuphela, odade ababili abangamaphayona bafika emnyango wayo. Isifundo seBhayibheli sahlelwa futhi intombazane yaqala ukuya emihlanganweni eHholo LoMbuso lapho yafike yahlatshwa umxhwele ngokujulile futhi yathintwa isimo sothando esasikhona lapho. Yaqhubeka nesifundo sayo seBhayibheli, yabhapathizwa emva konyaka, yaqala ukuphayona, futhi yaya eSikoleni SeNkonzo Samaphayona. Yathi, “ekugcineni ngingajabula.” Ukufuna kwayo iqiniso kwavuzwa.

Okuhlangenwe nakho okufanayo kuye kwaphindwa izikhathi eziyinkulungwane ngezinkulungwane phakathi ‘nokuphela kwalesimiso sezinto,’ lapho uJesu, uMalusi oMuhle, eqoqa “ezinye izimvu” zakhe njengoba kwabikezelwa kuJohane 10:16. (Mathewu 24:3) Khona-ke, bayajabula, labo abafuna iqiniso leBhayibheli nalabo uNkulunkulu abavuzayo.—Mathewu 7:7.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela