Ukuphila Nenkonzo KaJesu
Ukhulelwe Kodwa Akashadile
UMARIYA usenezinyanga ezintathu ekhulelwe. Uzokhumbula ukuthi wasebenzisa ingxenye yokuqala yesikhathi sokukhulelwa kwakhe evakashele uElisabethe, kodwa manje usephindele ekhaya eNazaretha. Ngokushesha indaba yakhe izokwaziwa endaweni yakubo. Ngempela, usesimweni esidabukisayo!
Okwenza isimo sibe sibi kakhulu ukuthi uMariya usethembisene noJosefa umbazi ukuba abe umkakhe. Futhi uyazi ukuthi, ngaphansi komthetho kaNkulunkulu awunika uIsrayeli, owesifazane othembisene nendoda eyodwa, kodwa oba nobuhlobo bobulili ngokuzithandela nenye indoda, kumelwe akhandwe ngamatshe aze afe. Uzokuchaza kanjani ukukhulelwa kwakhe kuJosefa?
Njengoba uMariya ubesehambe izinyanga ezintathu, singaqiniseka ngokuthi uJosefa ushisekela ukumbona. Lapho behlangana, ngokufanelekile uMariya uyamxoxela. Kungenzeka ukuthi umchazela ngokusemandleni akhe ukuthi ngumoya kaNkulunkulu ongcwele omenze wakhulelwa. Kodwa, njengoba ungase ucabange, lokhu kunzima kakhulu ngoJosefa.
UJosefa uyalazi idumela elihle likaMariya. Futhi ngokusobala umthanda kakhulu. Nokho, naphezu kwalokho angakusho, kubonakala ngempela ukuthi uye wakhuleliswa indoda ethile. Noma kunjalo, uJosefa akafuni ukuba akhandwe ngamatshe aze afe noma ahlazeke emphakathini. Ngakho unquma ukumlahla ngasese. Ngalezonsuku, abantu abathembisile babebhekwa njengasebeshadile, futhi isehlukaniso sasidingekile ukuze kuqedwe isethembiso.
Kamuva, njengoba uJosefa ezindla ngalendaba, uyahamba uyolala. Ingelosi kaJehova ibonakala kuye ngephupho futhi ithi: ‘Ungesabi ukuthatha uMariya njengomkakho, ngoba ukhulelwe umntwana ngomoya ongcwele kaNkulunkulu. Futhi umelwe uyiqambe ingane ngokuthi uJesu, ngokuba iyakusindisa abantu bayo ezonweni zabo.’
Lapho uJosefa evuka, yeka injabulo anayo! Ngaphandle kokulibala wenza njengalokho ingelosi imyalile. Uthatha uMariya umyisa ekhaya kubo. Lesenzo esisobala sisebenza ngokuqondile njengomkhosi womshado, ophawula ukuthi uJosefa noMariya manje bashada ngokomthetho. Kodwa uJosefa akabi nobuhlobo bobulili noMariya njengoba esakhulelwe uJesu.
Bheka! UMariya usindwa ngumntwana, kodwa uJosefa umkhweza embongolweni. Bayaphi, futhi kungani bethatha uhambo lapho uMariya sekuseduze ukuba abelethe? Luka 1:39-41, 56; Mathewu 1:18-25; Duteronomi 22:23, 24.
◆ Sasiyini isimo sengqondo kaJosefa lapho ezwa ngokukhulelwa kukaMariya, futhi kwakungani?
◆ UJosefa (wayengamehlukanisa) kanjani uMariya njengoba babengakashadi?
◆ Yisiphi isenzo esisobala esasebenza njengomkhosi womshado kaJosefa noMariya?