Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 4/15 kk. 8-9
  • Wadunyiswa Ngaphambi Kokuba Azalwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Wadunyiswa Ngaphambi Kokuba Azalwe
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Wadunyiswa Ngaphambi Kokuba Azalwe
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • UJesu Uyadunyiswa Ngaphambi Kokuba Azalwe
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • UGabriyeli Uvakashela UMariya
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Ingelosi Ihambela UMariya
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 4/15 kk. 8-9

Ukuphila Nenkonzo KaJesu

Wadunyiswa Ngaphambi Kokuba Azalwe

INGELOSI uGabriyeli isanda kuqeda nje ukutshela intombi uMariya ukuthi izozala umntwana wesilisa ozoba yiNkosi yaphakade. Kodwa uMariya uyabuza, ‘Kungenzeka kanjani lokhu, njengoba ngingangakaze ngihlangane nendoda?’

‘Umoya ongcwele uzakwehlela phezu kwakho,’ kuchaza uGabriyeli, ‘futhi ngenxa yalesizathu umfana uzakubizwa ngokuthi iNdodana kaNkulunkulu.’ Ukuze asize uMariya, uGabriyeli uyaqhubeka: ‘Isihlobo sakho esesigugile uElisabethe, lowo abantu abathi ngeke abathole abantwana, manje usenezinyanga eziyisithupha ekhulelwe.’ UMariya uyamkholelwa uGabriyeli futhi uthi: ‘Makwenzeke kimi njengezwi lakho.’

Ngokushesha ngemva kokuba uGabriyeli esehambile, uMariya uyazilungiselela futhi uyovakashela uElisabethe ohlala nendoda yakhe uZakariya ezweni elinezintaba laseJudiya. Ukusuka ekhaya likaMariya eNazaretha, lolu uhambo olude mhlawumbe lwezinsuku ezintathu noma ezine.

Lapho uMariya ekugcineni efika endlini kaZakariya, uyangena futhi uyabingelela. Lapho uElisabethe ugcwala umoya ongcwele, futhi uthi kuMariya: ‘Ubusisiwe esifazaneni, futhi ibusisiwe ingane ozoyizala. Yeka ilungelo okuyilo ukuba unina weNkosi yami eze kimi! Ngokuba, bheka! kuthe lapho ngizwa ukubingelela kwakho umntwana waxhuma esiswini sami ngokujabula okukhulu.’

Echichima ngokujabula, uMariya uthi: ‘Kusukela manje abantu bonke bayakuthi kimi ngibusisiwe, ngenxa yezinto ezinkulu uNkulunkulu angenzele zona.’ UMariya uhlala noElisebethe izinyanga ezingabantathu, futhi ngokungangabazeki uwusizo olukhulu phakathi nalamasonto okugcina okukhulelwa kukaElisabethe. Ngempela kuhle ukuthi laba besifazane ababili abathembekile, bobabili bekhulelwe ngobizo lukaNkulunkulu babendawonye ngalesisikhathi esibusisekile sokuphila kwabo!

Ingabe uye waqaphela udumo olwaboniswa kuJesu ngisho nangaphambi kokuba azalwe? UElisabethe wambiza ngokuthi ‘iNkosi yami,’ futhi ingane yakhe engakazalwa yaxhuma ngokujabula lapho uMariya evela okokuqala. Ngakolunye uhlangothi abanye baphatha uMariya nengane yakhe engakazalwa ngokweyisa, njengoba sizobona kamuva. Nokho, esihlokweni sethu esilandelayo sizofunda okwengeziwe ngengane kaElisabethe, uJohane. Luka 1:26-56.

◆ UGabriyeli wathini ukuze asize uMariya aqonde ukuthi wayezokhulelwa kanjani?

◆ UJesu wadunyiswa kanjani ngaphambi kokuba azalwe?

◆ UMariya wahlala isikhathi esingakanani noElisabethe, futhi kungani kwakufaneleka ukuba uMariya ahlale noElisabethe phakathi nalesikhathi?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela