Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 4/1 k. 14
  • Ukwethembeka Nakho Kubenza Bahluke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukwethembeka Nakho Kubenza Bahluke
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • “Angazeli Noyedwa Ukuqamba Amanga”
    I-Phaphama!—1991
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • “UNkulunkulu Angeqambe Amanga”
    Hubani Izindumiso ZikaJehova
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 4/1 k. 14

Ukwethembeka Nakho Kubenza Bahluke

WADANGALA kakhulu lapho ebona ithikithi lokupaka lifakwe ngaphansi kwama wiper emoto. Inhlawulo yayingama-R50,00 futhi wayebuhlungu ngoba yayingafanele. Zazingekho izimpawu ezinqabela ukupaka. Okubi kakhulu kwakuwukuthi wayevela endaweni ekude futhi wayengeke akwazi ukubuyela kulelodolobha ukuze azokwenza isikhalo ngecala lakhe. Ngakho wathatha izithombe zendawo ukuze afakazele ukuthi yayingekho imithetho exwayisayo ebekiwe lapho. Njengoba wayengomunye woFakazi BakaJehova, wacela omunye uFakazi ukuba amyele enkantolo yezomgwaqo.

Lona umbiko womngane wakhe ngalokho okwenzeka enkantolo ngalolosuku:

“Uma ubizelwa ngaphambi kwejaji, kumelwe usho igama lakho nekheli. Khona-ke bakwenzisa isifungo sokuqinisa okushoyo. Ngaphambi kokuba banginike isifungo, umabhalane wenkantolo, oyindoda esindala, wangicela ukuba ngiphinde ikheli lami lomgwaqo. Lapho ngithi, ‘124 Columbia Heights,’ ngokusobala waliphawula ukuthi kwakuyikheli lendlunkulu yomhlaba yeWatch Tower Society noFakazi BakaJehova. Ephendukela ejajini, wathi: ‘Akumelwe uzihluphe lapha, Jaji. Laba ngabantu abalungile. Abawaqambi amanga! Abakaze baqambe amanga! Ngeke baqambe amanga! Inkolo yabo ayiwavumeli, futhi banamathela ngokuqinile kuyo. Angikaze ngizwe noyedwa wamadoda noma abesifazane babo eqamba amanga. Abekho abathembeke njengabo. Ezikhathini eziningi ngiye ngabona lapho babengabalekela ithikithi lokupaka ngokukhuluma nje amanga amancane, kodwa abazange bakwenze lokho.’

“Khona-ke, ephendukela kimi, wathi, ‘Ngiyazi ukuthi ngeke uqambe amanga ngoba uyazi ukuthi ubani obengavuka ame ngezinyawo.’ ‘Ubani lowo?’ ngabuza. Waphendula ngokuthi, ‘iJaji, iJaji uRutherford [owake waba umongameli weWatch Tower Society],’ ‘Ngangivame ukumlethela iposi eminyakeni engama-47 edlule. Ngazi oFakazi BakaJehova ngaphambi kokuba babe baningi. IJaji lalingenye indoda!’

“Ngemva kwakho konke lokhu, ijaji lenkantolo alizange lizihluphe ngokungifungisa. Langicela ukuba ngilandise ngecala engize ngalo. futhi ngakwenza. Sasiyini isinqumo salo? “Akunacala.”

OFakazi BakaJehova bathanda ukuhamba kahle ezintweni zonke.’ (Heberu 13:18) Futhi ukunamathela kwabo ekuthembekeni kungenye yezindilla eziningi abahluka ngazo ezweni.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela