Indawo Engeyinhle Kubantwana
KANCANE KANCANE umphakathi wanamuhla uye washintsha indawo eyakhayo yokukhulisa umntwana onempilo yaba indawo engakhi, kusho uProfesa Edward A. Wynne, waseYunivesithi yaseIllinois. Usola ukuzithanda okweqile, ubucebi, nokwehluleka kwenkolo. “Kuyaqondakala ukuthi kungani abanye abazali behlomile,” kusho uProfesa Wynne kuThe Wall Street Journal. “Abanye bayayeka ukuzama futhi imibhangqwana enekhono eshadile ihlela ukuhlehlisa noma ngisho ukugwema ukukhulisa umntwana.” Ululeka ngendlela yokumelana nalokhu, njengokuthi imibhangqwana eshadile yenze isibopho esingathi sína sokukhulisa umntwana ngokufanelekile, okungahlanganisa ukuhlanganyela nenkolo ekhuthaza ubunye bomkhaya futhi elindele ukuzihilela kwamalungu ayo, okuhlanganisa uthando nokuqeqeshwa, nokudela imigomo ebalulekile.
IBhayibheli lagcizelela lesisidingo emakhulwini adlule. Liyala abazali: “Nibakhulise [abantwana] ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.” (Efesu 6:4, Phillips) IZwi likaNkulunkulu liyaqhubeka liyala: “Butha abantu, amadoda, nabesifazane, nabantwana, . . . ukuba bezwe, bafunde.” (Duteronomi 31:12) Ukusetshenziswa njalo kwalezizimiso ngokuqinisekile kuyosiza imikhaya ukuba ibhekane nokucindezela komphakathi wanamuhla.