Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 9/1 kk. 4-8
  • “Inhliziyo” EZwini LikaNkulunkulu, IBhayibheli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Inhliziyo” EZwini LikaNkulunkulu, IBhayibheli
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuzimisela Ukukhonza UJehova Ngenhliziyo Epheleleyo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • “Izinso” “Nenhliziyo” EmiBhalweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Zuza Inhliziyo Ejabulisa UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Ingabe ‘Unenhliziyo Yokwazi’ UJehova?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 9/1 kk. 4-8

“Inhliziyo” EZwini LikaNkulunkulu, IBhayibheli

AKUNGABAZEKI ukuthi inhliziyo yomuntu iye yathola ukunakekela okwengeziwe ekucabangeni kwabantu kunanoma isiphi esinye isitho somzimba. Kokubili izinkondlo nezindaba kuvamisile ukubhekisela kuyo. Ngakho-ke akumangalisi ukuthi inhliziyo yenziwe yavelela eZwini likaNkulunkulu. Eqinisweni, kukhulunywa ngayo izikhathi ezingaba yinkulungwane ngezindlela ezihlukene. Yini esingayiqondake ngegama elithi “inhliziyo”?

EBhayibhelini, akuyona into engavamile ukuba igama lisetshenziswe ngezindlela ezihlukehlukene ngezichasiselwana ezahlukene. Ake siphawule, ngokwesibonelo, ukusebenzisa kweBhayibheli igama elithi “amazulu” nelithi “umoya.” Ngezinye izikhathi, “amazulu” abhekisela emkhathini ongaphezu komhlaba okundiza kuwo izinyoni. (Genesise 1:26) Indawo yonke ebonakalayo, kuhlanganise izinkanyezi esizibonayo nesingaziboniyo, ngezinye izikhathi kubhekiselwa kuyo njengamazulu. (IHubo 19:1) Ku-2 Petru 3:7 kusobala ukuthi ivesi libhekisela emazulwini ezombusazwe. Nokho, “amazulu” ngesinye isikhathi abhekisela endaweni yokuhlala inhlangano kaJehova yezidalwa eziwumoya. (IsAmbulo 12:12) Lingabhekisela futhi eMbusweni wasezulwini, njengaku-2 Petru 3:13.

Kungokufanayo nangegama elithi “umoya.” Ngezinye izikhathi uJehova uNkulunkulu, uJesu Kristu nezingelosi kubhekiselwa kubo njengabantu abangumoya. (Johane 4:24; 1 Korinte 15:45; Heberu 1:13, 14) Amandla aphilisayo asebenza kuzo zonke izidalwa eziphilayo kubhekiselwa kuwo futhi “njengomoya.” (UmShumayeli 12:7) Amandla ashukumisayo kumuntu ngezinye izikhathi abizwa ngokuthi “umoya,” njengakuzAga 25:28. Futhi, ngokuvamile, amandla ayisiphekupheku kaJehova uNkulunkulu kubhekiselwa kuwo “njengomoya” noma “umoya ongcwele.”—Genesise 1:2; Zakariya 4:6; Marku 13:11.

Khona-ke, kuthiwani “ngenhliziyo”? KuEksodusi 28:30 igama lesiHeberu ‘lenhliziyo’ libhekisele esithweni esingokoqobo. Lapha uJehova uNkulunkulu wayala ukuthi kufakwe isihlangu sesifuba sokwahlulela enhliziyweni ka-Aroni. Leyo kwakuyinhliziyo engokwenyama yomuntu. Futhi ngokusobala linencazelo engokoqobo iHubo 45:5, elifundeka kanje: “Imicibisholo yakho ibukhali, . . . isenhliziyweni yezitha zenkosi.”

Khona-ke futhi, inhliziyo isetshenziswa ekubhekiseleni iphakathi nendawo lento. KuHezekeli 27:25-27 sithola izikhathi ezintathu amazwi athi “enhliziyweni yolwandle,” ngokungangabazeki abhekisela phakathi olwandle. Ngokufanayo, uJesu wabikezela ukuthi wayezoba “senhliziyweni,” noma emathunjini, omhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.—Mathewu 12:40, ElesiZulu esidala.

Inhliziyo ihlanganiswa futhi nemizwa yethu yokujabula nokudabuka, noma ukudumala. Sifunda kwawo-1 AmaKhosi 8:66 ukuthi lapho ithempeli likaSolomoni linikezelwa, ‘wonke uIsrayeli wajabula, wathokoza ngenhliziyo ngakho konke okuhle uJehova akwenzile kuDavide inceku yakhe nakuIsrayeli.’ KuNehemiya 2:2 sithola iNkosi uAritahishashita ibuza uNehemiya isizathu sokuba anyukubale uma ayengaguli. Wathi, “Lokhu kungukudabuka kwenhliziyo kuphela.”

Inhliziyo ihlanganiswa futhi nesimo sethu, umbono wethu, kungaba ophakeme, wokuziqhenya, noma ophansi, wokuzithoba. IzAga 16:5 zithi “bonke abazidlayo ngenhliziyo bayisinengiso kuJehova.” Ngakolunye uhlangothi, kuMathewu 11:29, uJesu wathi: “Ngimnene, ngithobile ngenhliziyo.”

Izimfanelo zokuziphatha—ubuhle, ubuqotho, ububi nokonakala—kuthiwa zihlala enhliziyweni. Ngokwesibonelo, kuJeremiya 7:24 sifunda ngamaIsrayeli ‘ahamba ngamacebo awo nangenkani yezinhliziyo zawo ezimbi.’ UJesu wabonisa kuMathewu 12:34, 35 ukuthi izinto ezinhle nezimbi zingatholakala enhliziyweni.

Ukholo luhilela inhliziyo, ngoba uPawulu kwabaseRoma 10:10 uthi: “Umuntu ukholwa ngenhliziyo kube-ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube-ngukusindiswa.”

Inhliziyo iyisihlalo sezisusa. UEksodusi 35:21 uchaza ngalabo ababenza iminikelo etabernakele ukuthi “bafika, kwaba yilowo-nalowo ovuswa yinhliziyo yakhe.” NgokwamaHeberu 4:12, 13, izwi likaJehova linjengenkemba ebukhali, liyakwazi ukwehlukanisa “imicabango nezizindlo zenhliziyo.” Yebo, inhliziyo yomuntu iwumthombo wezisusa, ithonyela ingqondo kokuhle noma kokubi. Isibonelo sesisusa senhliziyo yabantu bakaNkulunkulu ukuba benze ngokuhlakanipha sitholakala kuEksodusi 31:6, ofundeka kanje: “Ezinhliziyweni zazo zonke eziyizingcweti ngenhliziyo ngifake ukuhlakanipha ukuba zikwenze konke enginiyale ngakho.”

Nokho, ngaphezu kwakho konke, imizwelo yothando nenzondo ihlobene nenhliziyo. AmaIsrayeli ayalwa: “Ungazondi umfowenu enhliziyweni yakho.” (Levitikusi 19:17) Sifunda futhi ngenhliziyo yabaseGibithe ezonda amaIsrayeli. (IHubo 105:25) Ngakolunye uhlangothi, uPawulu uyasitshela: “Kepha umgomo womyalo uluthando oluvela enhliziyweni emhlophe.” (1 Thimothewu 1:5) Futhi uPetru uyaseluleka: “Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, . . . thandanani ngokupheleleyo omunye nomunye ngenhliziyo.”—1 Petru 1:22.

ImiBhalo ikhuluma futhi ngokuhlangenwe nakho okuligugu njengokulondolozwe enhliziyweni. Ngaleyondlela sifunda ukuthi kuLuka 2:51 uMariya, unina kaJesu, “wawagcina onke lawamazwi [ngokuqondene noJesu] enhliziy weni yakhe.”

Yeka imisebenzi eminingi emangalisayo eyehlukene namakhono enziwa inhliziyo! Ingabe konke kusenhliziyweni engokoqobo? Akunakwenzeka lokho. Lokho kuboniswa ilezo zilimi ezenza umehluko okhanyayo phakathi kwenhliziyo yenyama nenhliziyo engokomfanekiso. Ngokwesibonelo, amagama esiShayina nesiJapane aba mabili, okusho “isitho inhliziyo,” ngokubhekisela enhliziyweni yenyama. Kodwa ekuchazeni izimfanelo ezivela enhliziyweni, kusetshenziswa igama elilodwa lalawa, ngokuhlanganisa nezinye izingxenye, ukuze kwenziwe igama elijule ngokwengeziwe, emagameni anjengothando, inzondo, inhloso nokukhuthazela. (Bheka ibhokisi elilapha.) Kanjalo kwenziwa umehluko okhanyayo phakathi kwesitho inhliziyo nezisusa zomuntu nesimo semizwelo, nakuba bungalahlwa ubuhlobo phakathi kwalokhu kokubili.

Kunikeza ukukhanya ukuphawula futhi indlela ezinye izitho zomzimba ezicashunwe ngayo emiBhalweni. Kanjalo sithola izikhathi ezifinyelela ema-20 kubhekiselwa ezinsweni ezingokoqobo emiBhalweni yesiHeberu, ikakhulukazi ezincwadini ezinhlanu zikaMose. Ngokuphindaphindiwe sifunda ‘ngezinso ezimbili namanoni’ mayelana nokunikelwa kwezilwane okwakudingeka ngaphansi koMthetho. (Eksodusi 29:13, 22; Levitikusi 3:4, 10, 15; 4:9; 7:4) Ngokungangabazeki lokhu kubhekisela ezinsweni ezingokoqobo. Futhi umhubi uDavide ngokungangabazeki wayebhekisela ezinsweni ezingokoqobo uma ayebhala: “Ngokuba wena uzenzile izinso zami, wangaluka esiswini sikamame.”—IHubo 139:13.

Nokho, ingabe umprofethi uJeremiya wayebhekisela ezinsweni ezingokoqobo lapho ethi, kuJeremiya 11:20, uJehova ‘uvivinya izinso nenhliziyo’? Futhi, ingabe uDavide wayebhekisela ezinsweni ezingokoqobo uma ayethi: “Nasebusuku izinso zami ziyangiyala”? (IHubo 16:7) Ngokuqinisekile izinso zethu ezingokoqobo azinakusiyala. Wayebhekisela kuphi? Ingabe uJeremiya 12:2 akalibonisi iphuzu ngalendaba? Ufundeka kanje: “Ubatshalile, futhi bagxilile; bayakhula, bathela izithelo; useduze nomlomo wabo, kodwa ukude nezinso zabo.” (NW) Ingabe “izinso” lapha zibonisa imizwa ejulile ngomuntu? Lombhalo ubonakala futhi uhambelana noIsaya 29:13, uJesu acaphuna kuwo, njengoba ulotshwe kuMathewu 15:7, 8: “Bazenzisi, waprofetha kahle ngani uIsaya, ethi: Lesisizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami.” Ngokungangabazeki uJesu lapha wayebhekisela esimweni sabantu ababi ababeyiso ekujuleni ngaphakathi.

Esinye isibonelo esinganikezwa ngesegama lesiGreki lamathumbu noma izibilini, splagʹkhna. Lisetshenziswa ngendlela engokoqobo kuzEnzo 1:18, lapho sifunda lokhu ngoJuda: “Lowoke wazuza insimu ngomvuzo wokungalungi, wawa ngekhanda, waqhuma phakathi, nezibilini zakhe zonke zachitheka.” Nokho, nakuba leligama livela izikhathi eziyi-11 emiBhalweni yamaKristu yesiGreki, kulapha kuphela lapho kubhekiselwe khona ezibilini ezingokoqobo. Lihunyushwe ngokuthi “isesane” kuLuka 1:78 nangokuthi “isihe” “nesisa” kwabe-2 Korinte 7:15; Filipi 2:1; Kolose 3:12. KuGenesise 43:30 naku-1 AmaKhosi 3:26, ura·chamimʹ, igama lesiHeberu elinomqondo ofanayo, lihunyushwe ngokuthi izibilini eBhayibhelini lesiZulu nakuba eqinisweni libhekisela “emizweni engaphakathi,” futhi okuyindlela iNew World Translation elihumusha ngayo.

Kungendlela efanayo nangamagama esiHeberu nesiGreki ahunyushwa ngokuthi “inhliziyo” emaBhayibhelini ethu. Kunezinye izikhathi lapho, nokho ezimbalwa, lapho inhliziyo engokoqobo kubhekiselwa kuyo, ngokwesibonelo kuEksodusi 28:30 nakumaHubo 45:5. Nokho, kwezinye izikhombo ezicishe zibe inkulungwane “zenhliziyo” eBhayibhelini, “inhliziyo” ngokusobala isetshenziswe ngomqondo ongokomfanekiso. Lokhu akusho ukuthi akukho ukuxhumana phakathi kwenhliziyo yenyama nengokomfanekiso. Kukhona ukuhlobana. Ngokwesibonelo, ukucindezeleka okungokomzwelo kungaba nomphumela olimazayo enhliziyweni engokoqobo, kubangele ukugula futhi ngisho nokufa. Kodwa, ngokusobala, kumelwe kwenziwe umehluko phakathi kwesitho inhliziyo nenhliziyo engokomfanekiso. Njengoba uW. E. Vine esho, “Inhliziyo isetshenziswa ngokomfanekiselo ekubhekiseleni emithonjeni esithele yokuphila komuntu siqu.”—An Expository Dictionary of New Testament Words, Umqulu II, amakhasi 206, 207.

Ngokwalokhu osekushiwo kusobala ukuthi amagama esiHeberu nesiGreki “enhliziyo” asetshenziswe ngababhali beBhayibheli ekubhekiseleni izimo eziningana zomzwelo nezokuziphatha ezakha umuntu wangaphakathi. Ngokusobala, ngokusixwayisa ngokubaluleka kokuqaphela ukulangazelela kwethu, izifiso zethu nezisusa zethu, iZwi likaNkulunkulu lisisiza ukuba ‘simkhonze ngenhliziyo epheleleyo.’ Lisihlomisela yonke imisebenzi emihle. (1 IziKronike 28:9; 2 Thimothewu 3:17) Iseluleko esihle mayelana nalokhu siseZwini likaNkulunkulu.

[Ishadi ekhasini 6]

(Ukuze ubone ukuthi kumi kanjani, bheka encwadini)

Amagama esiShayina akhuluma ngenhliziyo

[Artwork—Chinese character] inhliziyo, ngokuvamile ngokomfanekiso

[Artwork—Chinese character] isitho inhliziyo, ngokwenyama

Phawula indlela amagama ayisisekelo avela ngayo ezimweni ezihlobene nenhliziyo:

[Artwork—Chinese character] uthando

[Artwork—Chinese character] inzondo

[Artwork—Chinese character] ukuthethelela

[Artwork—Chinese character] ukudabuka

[Artwork—Chinese character] ukukhathazeka

[Artwork—Chinese character] inhloso

[Artwork—Chinese character] ukuthukuthela

[Artwork—Chinese character] ukukhuthazela

[Isithombe ekhasini 5]

Inhliziyo ihlanganiswa nemizwa yomuntu, imibono, ukholo, izisusa nemizwelo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela