Amatekisi Ezinsuku ZikaJuly, 1984
1 Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.—Math. 6:9, 10. wZU 4/1/84 13, 14
2 Hamba ubuthe amalungu akwaIsrayeli, . . . bayakulalela izwi lakho; uyakufika wena kanye namalungu akwaIsrayeli enkosini yaseGibithe.—Eks. 3:16, 18. wZU 2/15/84 1-3
3 Ngilususe uthi lwesibani sakho endaweni yalo, uma ungaphenduki.—IsAm. 2:5. wZU 3/15/84 15-17
4 Bazalwane, ningabi-ngabantwana ngengqondo, kanti ebubini nibe-yizingane, kepha engqondweni nibe-ngabakhulileyo.—1 Kor. 14:20. wZU 4/15/84 21
5 Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni, . . . enze ihlane lalo libe-njenge-Edene, noqwathule lwalo lube-njengensimu kaJehova.—Isaya 51:3. wZU 6/1/84 13-15a
6 Kuyakugumbuqelwa, kugumbuqelwe, kugumbuqelwe yimi; . . . aze afike yena omfanelo ingeyakhe, ngimnike khona.—Hez. 21:27. wZU 1/15/84 18, 19
7 Iningi labazalwane . . . bazuzile kakhulu isibindi sokukhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi.—Fil. 1:14. wZU 5/1/84 15, 21, 22a
8 Ngase ngithi kulo: Nkosi yami, nguwe owaziyo. Lase lithi kimi: Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba-mhlophe egazini leWundlu.—IsAm. 7:14. wZU 4/1/84 17-19a
9 Ubuhlobo bukaJehova bukubo abamesabayo.—IHu. 25:14. wZU 4/15/84 10, 11a
10 Kepha lezozinto zabehlela bona kube-yisibonelo; kulotshelwe ukusiyala thina, osekufikile kithi ukugcina kwezikhathi.—1 Kor. 10:11. wZU 3/15/84 18, 19
11 Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya baye eSiyoni ngokwethaba, . . . bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.—Isaya 35:10. wZU 6/1/84, 13, 15, 16a
12 Ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe [uNkulunkulu] aninike ukuqiniseka emandleni ngoMoya wakhe kumuntu ongaphakathi.—Efe. 3:16. wZU 11/15/83 20-22a
13 Ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.—Joh 17:14. wZU 4/15/84 14, 15a
14 Uma lezozinsuku zingafinyezwanga, bekungesindiswe-muntu; kepha ngenxa yabakhethiweyo lezozinsuku ziyakufinyezwa.—Math. 24:22. wZU 4/1/84 13a
15 Ngenzé ibunzi lakho njengedayimane, elilukhuni kunensengetsha.—Hez. 3:9. wZU 5/1/84 7, 9, 10a
16 Sizwile ukuthi abanye abavela kithi banikhathazile ngamazwi, benyakazisa imiphefumulo esingabayalelanga khona.—IzE. 15:24. wZU 8/15/83 8, 9a
17 Konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, . . . zindlani ngalokho.—Fil. 4:8. wZU 9/15/83 15, 16b
18 Ngisho lokhu kodwa, bazalwane, ukuthi isikhathi sesinciphile; ngakho . . . nabasebenzisa lelizwe babe-njengabangalisebenzisi, ngokuba isimiso salelizwe siyadlula.—1 Kor. 7:29-31. wZU 4/15/84 5, 19-21a
19 Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa.—IzAga 16:18. wZU 7/1/83 19, 20a
20 Nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba, ngokuba ulalele izwi lami.—Gen. 22:18. wZU 2/1/84 17-19a
21 Ngakho-ke, bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi-njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo, nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.—Efe. 5:15, 16. wZU 3/15/84 21-23a
22 [Nikhulume] izwi likaNkulunkulu ngokungesabi.—Fil. 1:14. wZU 5/1/84 9, 15, 16
23 Ningelihlanganyele itafula leNkosi kanye netafula lamademoni.—1 Kor. 10:21. wZU 4/15/84 7-11
24 Uma umuntu efisa isikhundla sombonisi, unxanela umsebenzi omuhle.—1 Thim. 3:1. wZU 2/15/84 18, 19a
25 Laba bayakumuka, baye ekujezisweni okuphakade, kodwa abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.—Math. 25:46. wZU 5/15/83 16, 17
26 Kepha uma ulalela nokulalela izwi layo, ukwenze konke engikukhulumayo, ngiyakuba-yisitha sezitha zakho, ngiphambane nabaphambana nawe.—Eks. 23:22. wZU 8/15/83 1, 2
27 Kabasoze bahlatshwa yilanga nakushisa kuni, ngokuba iWundlu elingaphakathi nesihlalo sobukhosi liyakubelusa, . . . noNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo.—IsAm. 7:16, 17. wZU 9/1/83 18, 19a
28 Izulu liyizulu likaJehova, kepha umhlaba wawunika abantwana babantu.—IHu. 115:16. wZU 4/1/83 11-13
29 Ubeke uphawu emabunzini abantu ababubula bekhala.—Hez. 9:4. wZU 5/1/84 2-4
30 Phezu kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.—IzAga 4:23. wZU 4/15/84 3-5
31 Masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa. Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.—1 Kor. 15:32, 33. wZU 2/1/84 12-15b