Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 7/15 k. 32
  • Isetshenziswa Njengencwadi Yokufundisa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isetshenziswa Njengencwadi Yokufundisa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 7/15 k. 32

Isetshenziswa Njengencwadi Yokufundisa

Umfundi wasesikoleni esiphakeme owanikeza uthisha wakhe wezempilo incwadi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo uyabika:

“Waya nayo ekhaya futhi wayifunda yonke ngalobo busuku. Ngosuku olulandelayo wabuza ukuthi angazithola yini izincwadi ezingama-50 ezengeziwe zekilasi, kodwa ukusetshenziswa kwayo kwakuyothola kuqala ukuvunyelwa ibhodi yesikole.

“Angikwazanga ukuxoxa naye ngalendaba kwaze kwaba ngemva kwezinyanga eziyisithupha, ngambuza ukuthi wayesazifuna yini izncwadi. Wathi yebo, futhi wathatha eziyi-15 ekuqaleni. Uzisebenzisa eqenjini lentsha eliseFreemont, eMichigan, nasendaweni yokugcina abantwana abaphathwa kabi.”

Kamuva lothisha wabhala: “Ngiyabonga ngokuhlanganyela kanye nami incwadi Ubusha Bakho. Iziqondiso ezikuyo zisekelwe eBhayibhelini futhi ziliqiniso. Izwe lethu beliyoba indawo enhle kakhulu yokuhlala ukuba wonke umuntu ubelandela indlela ebekwe ngokucacile eBhayibhelini.”

Lencwadi inezahluko ezingama-25 ezinjengalezi: “Izingubo Zakho Nokubonakala Kwakho Kusho Okuthile Ngawe,” “Ingabe Kufanele Uphuze Uphuzo Oludakisayo?” “Umculo Nomdanso Owukhethayo,” “Ingabe Ukuziphatha Kahle Kobulili Kunengqondo?” nesithi “Ukuphola Nokuqomisa.” Ungazitholela lencwadi enhle emayelana nokuphila okuphumelelayo ngokumane ugcwalise futhi uthumele lelikhuphoni elingezansi nemali engamasenti angama-90 kuphela.

Ngicela ningithumelele incwadi enoqwembe oluqinile enamakhasi angama-192 “Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo. Ngifaka u-90c.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela