Imibuzo Evela Kubafundi
■ Lapho ngisebenza khona zonke izisebenzi zinikezwa ibhonasi kaKhisimusi. Njengoba ngingakholelwa kuKhisimusi, kumelwe ngiyenqabe yini ibhonasi?
Lokho kuxhomeke ekutheni ibhonasi eqinisweni ibonisani nokuthi ukuyamukela kuyobhekwa kanjani.
Njengoba siye sabonisa ngokuvamile, uKhisimusi namaningi amanye amaholide eLobukholwa awasekelwe emaqinisweni eBhayibheli. Eqinisweni, athathelwe ekukhulekeleni okungekhona okobuKristu.a IBhayibheli liyala amaKristu ukuba agcine owodwa kuphela umkhosi ongokwenkolo, okwaminyaka yonke ukufa kukaKristu.—Luka 22:19, 20.
Ingabe ukwamukela “ibhonasi kaKhisimusi” kusho ukuthi umuntu uhlanganyela kuleloholide? Mhlawumbe akunjalo. Kungase kube ukuthi ibhonasi ayiqondwa njengesho ukuthi oyamukelayo ugubha umkhosi kaKhisimusi. Umqashi angase nje akhethe ukunika zonke izisebenzi zakhe ingxenye yenzuzo yenkampane ekupheleni konyaka futhi ngesikhathi lapho iningi lazo lingasazisa kakhulu isamba semali yokuyisebenzisa ngendlela ezifisa ngayo. Ibhonasi ingase ibe ubufakazi bokubonga ngenxa yezinkonzo ezinikezwe kuwo wonke unyaka, nokukhuthaza ukuqhubeka nomsebenzi omuhle nobuhlobo obuhle phakathi komqashi nezisebenzi. Umqashi angase ayinikeze zonke izisebenzi, kungakhathaliseki ukuthi ezinye, njengamaJuda, amaSulumane noma abanye, azikholelwa kuKhisimusi. Ngakho isikhathi nje sesipho noma igama eliye lasetshenziselwa sona akukuvimbeli ngempela ukwamukelwa kwaso ngomunye woFakazi BakaJehova.
Futhi, ngisho noma opha isipho enenkolelo engokwenkolo njengesizathu sokusikhipha ngalesosikhathi, lokho akusho ukuthi osamukelayo ucatshangelwa njengohlanganyela lowombono ongokwenkolo. Ngokuvamile asebenza naye noma isihlobo siyotshela omunye woFakazi BakaJehova, ‘Ngiyazi ukuthi awuwugubhi uKhisimusi, (noma amanye amaholide), kodwa ngifuna ukuba uthathe lokhu njengesipho esivela kimi.’ Uma unembeza womKristu ungenakuphazamiseka uma amukela lesisipho, angase akhethe ukusithatha futhi abonise ukubonga ngaphandle kokukhuluma noma yini ngeholide. (IzEnzo 23:1) Inkambo efanayo iye yalandelwa amaKristu amaningi lapho enikezwa isipho ngothile ongayazi inkolelo yawo. Mhlawumbe ngesinye isikhathi, lapho kungase kungacasuli khona, umKristu angaphawula ngokuhlakanipha ukuthi akayigubhi imikhosi yamaholide angokwenkolo futhi ngomusa, nangobumnene angachaza ukuthi kungakho yena ngokwakhe engazange enze noma isiphi isipho seholide.—1 Petru 3:15.
Kodwa uma isipho sinikezwa ngenhloso ekhanyayo yokubonisa ukuthi umKristu akaqinile ezinkolelweni zakhe noma uyohlehla okholweni lwakhe ngenxa yenzuzo, khona-ke ngokusobala kungcono ukusenqaba. AmaKristu kumelwe akhonze uJehova uNkulunkulu. Kukuyena kuphela lapho kumelwe siyise inkonzo engcwele.—Mathewu 4:8-10.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka IQiniso eliholela ekuPhileni okuPhakade, isahl. 16.