Umshado Owalondolozwa
“Esikhathini esingangonyaka esidlule saba nomuzwa wokuthi sasilungele ukuhlukana,” kubika indoda eNew Caledonia. Sasiyini isizathu? Ukuntuleka kokukhulumisana, imizwelo yenhliziyo ehlukene, izinkinga zempilo nokugula ngemizwa komfazi. Ngemva kweminyaka eyishumi bendawonye, bobabili baba nomuzwa wokuthi umshado wabo wawehluleka.
Ngolunye usuku ekuseni umfazi waxoxa ngezinkinga zakhe nomakhelwane. Umakhelwane, owayengomunye woFakazi BakaJehova, wamtshela indlela iseluleko esiwusizo esiseBhayibhelini esisiza ngayo ukuxazulula izinkinga zomkhaya. Lapho indoda kamuva izwa ngalokhu, ayikuthandanga. Yaba nomuzwa wokuthi yayingekho into engashintsha isimo senhliziyo somkayo nobuntu bakhe. Nokho, umfazi waqalisa ngokushesha ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Walalelisisa izimiso zeBhayibheli njengoba ayezichazelwa futhi wazama ukuzisebenzisa ekuphileni kwakhe.
Indoda iyabika: “Emasontweni ambalwa ngaqala ukuphawula inguquko ebuntwini bakhe.” Imangele, yavuma ukuya emhlanganweni wesigodi ukubona ukuthi kwakunjani. Izinkulumo zayithinta ngokujulile. Yahlanganyela nomkayo esifundweni seBhayibheli, futhi iyavuma: “Manje sesithole isisekelo sokuphila komkhaya okujabulisa ngempela. Futhi sijabula kakhulu, mina nomkami, ukuba sihlanganyele nabanye lelikhambi ezinkingeni zemikhaya—eqinisweni, kuzo zonke izinkinga ezibhekene nabantu namuhla.”