IZwi LikaNkulunkulu Liphilile
Abesifazane Ababili Abanenkinga
LENDODA ematasa enkonzweni umphostoli uPawulu. Futhi abesifazane ababili lapho abakanye naye uEvodiya noSintike, amalungu ebandla lobuKristu lekhulu lokuqala emzini waseFilipi.
Eminyakeni ethile ngemva kwalokho, lapho uPawulu eseRoma, wabhalela ibandla laseFilipi: “Yelekelela labobesifazane, lokhu babambisana nami evangelini.” (Filipi 4:3) Kungani uPawulu abhala lokhu ngoEvodiya noSintike?
UPawulu wayezwe ukuthi kwakuphakame inkinga ethile phakathi kwalaba besifazane ababili, futhi babengezwani. Ngakho wabhala: “Ngiyamyala uEvodiya, ngiyamyala noSintike ukuba babe-nokuqonda kunye eNkosini.” (Filipi 4:2) IBhayibheli alisho ukuthi yayiyini inkinga yabo, kodwa yayinkulu ngokwanele ukuba uPawulu ayizwe ekude kakhulu eRoma. Mhlawumbe laba ababili ngandlela-thile babefelana umona. Noma mhlawumbe baba nokuxabana okungathi sína, njengoba kubonakala lapha, futhi babengasakhulumisani. Noma inkinga kwakuyini, uPawulu wabanikeza iseluleko encwadini eyayibhalelwe lonke ibandla.—Filipi 1:1.
Nokho, ingabe uEvodiya noSintike basabela eselulekweni futhi baxazulula ukungezwani kwabo? IBhayibheli alisho. Kodwa njengoba laba kwakungabesifazane abahle ababesebenze ngaphambili noPawulu enkonzweni, singase sibabone behlangana ngemva komhlangano futhi belungisa inkinga yabo ngomoya wothando. Ngakolunye uhlangothi, babengaba lukhuni ngenxa yeseluleko ababesinikeziwe. Babengathatha lesisimo: ‘Ulithathaphi uPawulu ilungelo lokweneka inkinga yethu phambi kwalo lonke ibandla?’ Futhi ngakho inkinga yabo yayingahlala ingaxazululekile, futhi yayingakhula ibe nkulu. Kuthiwani uma lokhu kwakungenzeka?
Nokho, lencwadi kwabaseFilipi yabhalwa cishe ngo-60 C.E. Eminyakeni embalwa kamuva kwagqashuka ukushushiswa okukhulu kwamaKristu eRoma. Kuthiwani uma lolushushiso lwaze lwafika eFilipi, futhi uEvodiya noSintike bavalelwa ejele, njengoba noPawulu noSila eminyakeni engaphambili baboshwa lapho? (IzEnzo 16:19-34) Kuthiwani uma babefakwe ejele elifanayo futhi ekamelweni elifanayo ndawonye?
Uma babengenawo umqondo owodwa, futhi uma ukungezwani kwabo kwakuqhubeke kwaba yinzondo, kwakungenzekani? Babeyokonakalisa ingokomoya labo, mhlawumbe babulale ubuhlobo babo noJehova uNkulunkulu. Yeka ukuthi kwakungadabukisa kanjani lokho! Futhi yeka ukuthi kungadabukisa kanjani namuhla uma singenalo uthando olunganqamukiyo lomunye nomunye lapho “usizi olukhulu” lufika kulesisimiso sezinto!—Mathewu 24:21.