Lisho Ukuthini IPharadesi Kuwe?
UNGAKUJABULELA yini ukuhlala epharadesi—khona manje? Ungase uthi, ‘Musa ukungihlekisa! Akukho pharadesi kulomhlaba!’ Noma ingabe likhona? Nokho, lokho ngempela kuxhomeke kulokho okushiwoyo “ngepharadesi.”
Lisho ukuthini lelogama kuwe? Ubuhle bemvelo esibubonayo? Imifula emikhulu nezigodi ezinokuthula ezingonakaliswanga ukungcola okubulalayo? Izilwane—amabhubesi, izilo, amawundlu nezinyamazane—zonke zihlala ngokuthula ndawonye? Iqiniso, bekungaba okujabulisa kakhulu ukuhlala ezimweni ezinjalo zepharadesi uma kushiwo nje okuncane. Kodwa iqiniso elidabukisayo liwukuthi, nakuba kusekhona izindawo ezithandeka ngempela kulomhlaba, sikude nokuphila epharadesi. Akunjalo?
Cabangela lokhu: “Ipharadesi” ngomqondo ophelele waleligama lihlanganisa okuningi kakhulu kunemithi nezitshalo nje—indawo enhle esizungezile. Kudinga okungaphezu nje kobuhle bemvelo esibubonayo ukwenza ukuphila kujabulise. Okuningi ngokwengeziwe. Ngokwesibonelo: Ake sithi ungakhetha noma iyiphi indawo yokuhlala emhlabeni—ingxenye enhle kakhulu yezwe elingenalutho noma isiqhingi esikumatropiki esithandeka kakhulu. Ubungathokoza yini uma omakhelwane bakho benenzondo, benochuku, benobugovu, benonya, bengenanhlonipho ngawe noma impahla yakho? Nakanye! Abantu abanjalo bebengenza ukuphila kwakho kube lusizi kungakhathaliseki ukuthi yinhle kangakanani indawo ekuzungezile!
Khona-ke, ngokunengqondo, “ipharadesi” alixhomekile kuphela ezintweni ezibonakalayo ezizungezile kepha futhi nakubantu. Ngoba lapho ucabanga ngepharadesi, ingabe awucabangi yini futhi ngabantu abathokozayo, abanesimo sokuthula, abaphilisana ngothando? Ngakho-ke, ngaphambi kokuba indawo enhle emhlabeni ibizwe ngokuthi ipharadesi ngomqondo ophelele, abantu abayohlala kuyo kumelwe bathuthukise ubuntu obufana nobukaNkulunkulu.
IBhayibheli libonisa ukuthi kuyoba noshintsho olunjalo esimweni sabantu, lichaza isimo esingokomoya sabantu—abantu abaguqulela ubuntu babo nempilo yabo ebungconweni. Kepha mhlawumbe uyazibuza! ‘Ingabe ipharadesi elinjalo elingokomfanekiso likhona ngempela namhlanje? Uma kunjalo, kuphi?’