IZwi LikaNkulunkulu Liphilile
Izwe UJesu Ayengenakulikhulekela
NGOBUSUKU afa ngabo, uJesu wathandaza ngaphambi kokuba afe: “Ngiyabakhulekela bona [abalandeli bakhe]; angikhulukeli izwe.” (Johane 17:9) Ngaphambili ngalobobusuku uJesu wakhuluma “ngombusi walelizwe.” IBhayibheli lembula lombusi njengoSathane uDeveli, “unkulunkulu walelizwe [o]phuphuthekisile ingqondo yabo [abangakholwayo.]”—Johane 16:11; 2 Korinte 4:4.
Kodwa liyini lelizwe elibuswa uSathane nalelo uJesu ayengenakulikhulekela? Yilomphakathi wabantu ohleliwe omi ngokuhlukile noma ngaphandle kwenhlangano kaNkulunkulu ebonakalayo. Inhlangano yezwe kaSathane, ngokuqondile yakhiwe ngezingxenye ezintathu ezihlangene ngokuseduze.
Okokuqala, kunenkolo yamanga, emelelwe eBhayibhelini njengesifebe esinecala legazi esibizwa ngokuthi “IBabiloni Elikhulu.” Ukuthi lesisifebe simelele isimiso esingokwenkolo kuboniswa inkulumo yeBhayibheli ethi ‘izizwe zonke zidukisiwe ngokuthakatha kwaso.’ (IsAmbulo 18:23) Lo owesifazane omubi uchazwe ‘njengokhwele isilo esibomvu, . . . sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi.’—IsAmbulo 17:3.
Ingxenye yesibili ebalulekile yenhlangano yezwe kaSathane imibuso yezombangazwe, emelelwe izilo eBhayibhelini. (Daniyeli 8:20, 21) Ukuthi ohulumeni bomhlaba abafana nezilo bathola amandla abo kuSathane kuboniswa umbono owabhalwa umphostoli uJohane: “Ngase ngibona isilo sikhuphuka elwandle, sinezimpondo eziyishumi namakhanda ayisikhombisa, . . . Udrako [uSathane uDeveli] wasinika amandla akhe.”—IsAmbulo 13:1, 2; 12:9.
Ingxenye yesithathu evelele yenhlangano yezwe kaSathane isimiso sezentengiselwano esihahayo nesicindezelayo. EBhayibhelini simelelwe “abathengisi.” “Abathengisi” bamela kude futhi balile lapho iBabiloni Elikhulu libhujiswa.—IsAmbulo 18:11, 15.
Okwembula izwe likaSathane ngokuqhubekayo ukuphila okuxekethile nezindlela zokuziphatha okubi ezitholakala kulo. Ngenxa yalesisizathu bobabili abaphostoli uPawulu noPetru baxwayisa amaKristu ukuba agweme imikhuba emibi yabezizwe. (Efesu 4:17-19; 1 Petru 4:3, 4) Izinto abantu balomphakathi ohleliwe abakhela ukuphila kwabo kuzo ‘ziyinkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhukuphila.’—1 Johane 2:15, 16.
Ekuhambisaneni namazwi kaJesu ngabalandeli bakhe, “abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe,” amaKristu namuhla ayoqapha ukuze agweme ukuba ingxenye yezwe likaSathane. (Johane 17:16) Ngeke abe nengxenye enkolweni yalo eyonakele nezombangazwe, noma emikhubeni yalo yezamabhizinisi engathembekile. Ayogwema indlela yalo yokuphila yokuziphatha okubi.
[Izithombe ekhasini 9]
Ezombangazwe Ezonakele
Inkolo Yamanga
Ezentengiselwano Ezihahayo
Ukuphila Okuxekethile