Ingakusiza Ukuba Wenze Okulungile
Muva nje incwadi eqalisa ngokuthi “Banyathelisi Abathandekayo” yamukelwa endlunkulu yokunyathelisa yeWatch Tower Bible and Tract Society. Yathi:
“Ngisanda kuqeda ukufunda incwadi yenu enesihloko esithi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo. Ngithanda ukunazisa ukuthi ngiyijabulele kakhulu. Lencwadi ingisize kakhulu ukuba ngiqonde izinto eziningi ekuphileni ezingimangalisile futhi zangethusa.
“Ngizama ukwenza okulungile ngazo zonke izinsuku, kodwa ezikhathini eziningi ngiyehluleka. Ngemva kokuba ngiqalile ukufunda lencwadi, ngalingwa abanye abantu abafuna ukuba ngiyobukela amabhayisikobho angcolile nabo. Ngacishe ngahamba nabo, kodwa ngenxa yalencwadi nganquma ukungahambi ukuyobona lamabhayisikobho.
“Lencwadi kulula ukuyiqonda ngoba inikeza izibonelo engingazixoxa. Nginesithakazelo sokufunda eziningi zezincwadi zenu. Sizani ningazise lapho ngingazithola khona ezengeziwe zalezincwadi ezimangalisayo. Ngiyabonga!”
Ungazitholela lencwadi enhle esiye yafinyelela kakade isilinganiso sokunyatheliswa esingamakhophi angaphezu kwezigidi eziyi-18. Kalula nje gcwalisa bese uthumela lelikhuphoni elingezansi.
Sizani ningithumelele incwadi enoqwembe oluqinile enamakhasi ayi-192 ethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo. Ngifaka ama-90c.