Amatekisi Ezinsuku ZikaJune, 1983
1 Bhekani lendoda!—Joh. 19:5, “NW.” wZU 4/1/83 1-4
2 Yizwa, ndodana yami, wamukele izwi lami . . . ngiyakufundisa ngendlela yokuhlakanipha.—IzAga 4:10, 11. wZU 4/15/83 1-3
3 Maye kubo, ngokuba . . . bagijimela ekudukeni kukaBalami ngenxa yomvuzo.—Juda 11. wZU 2/15/83 3, 5
4 UJehova uNkulunkulu wayesemthatha umuntu, wambeka ensimini yase-Edene ukuba ayilime, ayigcine.—Gen. 2:15. wZU 1/15/83 6-8
5 Nizihlambulule nina eniphatha izitsha zikaJehova.—Isaya 52:11. wZU 5/15/82 10, 9
6 Bathandekayo, . . . nilwe kanzima ngenxa yokholo abalunikezwayo abangcwele kwaba kanye.—Juda 3, “NW.” wZU 2/1/83 10, 11
7 Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade.—1 Thim. 6:12. wZU 8/15/82 10, 8a
8 Ngiqinisile ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane uMbhapathizi; kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye.—Math. 11:11. wZU 4/1/83 17
9 Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na?—1 Kor. 6:9. wZU 4/15/83 17, 18
10 Kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.—IzAga 13:20. wZU 8/1/82 5, 6a
11 Ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu.—Kol. 1:23. wZU 10/15/82 1-3b
12 Nesibonakaliso sokuza kwakho nesokuphela kwezwe siyakuba-yini na?—Math. 24:3. wZU 3/1/83 9, 11
13 Maye kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKayini.—Juda 11. wZU 2/15/83 3, 4
14 Nabakanye nalo, ababiziweyo, nabakhethiweyo, nabathembekileyo [nabo bayakunqoba].—IsAm. 17:14. wZU 4/1/82 14, 15a
15 UAdamu wokugcina waba-ngumoya ophilisayo.—1 Kor. 15:45. wZU 4/1/83 6, 7
16 Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi.—IzAga 8:13. wZU 4/15/83 4-6
17 Nginethemba kuNkulunkulu . . . lokuthi kuyakuba-khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalunglle.—IzE. 24:15. wZU 11/1/82 13, 14b
18 Ngikulwile ukulwa okuhle.—2 Thim. 4:7. wZU 8/15/82 5, 6
19 Sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo, sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu.—Heb. 12:1, 2. wZU 12/1/82 17
20 Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isigxobo sakhe sokuhlushwa, angilandele.—Math. 16:24. wZU 4/15/82 12-14a
21 Kangisho owakho unembeza, ngisho owalowo omunye.—1 Kor. 10:29. wZU 1/1/83 12-15a
22 Ngokuba ukuhlakanipha kuyakungena enhliziyweni yakho, ukwazi kube-mnandi emphefumulweni wakho. Amasu ayakukulinda, ukuqonda kukugcine.—IzAga 2:10, 11. wZU 4/15/83 7, 8
23 Makwandiswe kini umusa nokuthula nothando.—Juda 2. wZU 2/1/83 6
24 Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala.—IsAm. 20:6. wZU 9/15/82 4, 9, 10
25 Bhekani lendoda! Joh. 19:5, “NW.” wZU 4/1/83 1, 2
26 Okuyisiboniso sokubhubha kubona kepha ngesokusindiswa kwenu; lokhu-ke kuvela kuNkulunkulu.—Fil. 1:28. wZU 10/1/82 14, 15a
27 Lingakabi-namihelo lazala; lingakehlelwa ngubuhlungu labeletha umntwana wesilisa.—Isaya 66:7. wZU 12/15/82 18, 19
28 Lapho kufika ukuziqhenya, kufika nehlazo; kepha kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.—IzAga 11:2. wZU 11/15/82 8, 9
29 Bangamadwala acashe ngaphansi kwamanzi emadilini enu othando.—Juda 12, “NW.” wZU 2/15/83 9-11
30 Ngokuba abaqotho bayakuhlala ezweni, abapheleleyo bahlale kulo.—IzAga 2:21. wZU 4/15/83 10-12