Ukusebenza Kothando LobuKristu
IPHILIPPINES izwe elivamise ukuhlaselwa izivunguvungu neziphepho ezinzima ezinezimvula, ngokuvamile ezibangela izikhukhula ezinkulu. Ezikhathini ezinjalo okwaziswa ngempela ukusebenza kothando lobuKristu, njengoba okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa.
Kumasipala (ukopeletsheni) waseningizimu yeCarmen, eDavao del Norte, oFakazi BakaJehova eBandleni laseMabuhay babengabanga nezikhukhula ezinkulu kakhulu. Nokho, basabela ngokushesha ezidingweni zabazalwane babo abangamaKristu edolobheni elalihlaselwe kabi kakhulu. Ilayisi nokunye ukudla kwaqoqwa kwase kuyiswa lapho. Lapho izidingo zabazalwane endaweni eyayihlaselwe kakhulu sezihlangatsheziwe, kwaba nokuningi okwasalayo kwabe sekunikezwa izikhulu zedolobha ukuba kwabelwe abanye abantu abaswele.
Ukukhathalela okunjalo kothando kwashukumisela izikhulu zalelidolobha ukuba zenze isinqumo sokuncoma oFakazi BakaJehova esifundeka kanje ingxenye yaso:
“NJENGOBA, oFakazi BakaJehova eMabuhay, . . . ngokwazi isimo esibucayi sezisulu zesikhukhula kulomasipala, . . . ngokushesha balula usizo lokudla ukuze basize izisulu ebunzimeni bazo nosizi;
“MAKUBE ISINQUMO, . . . ukudlulisela izwi leSinqumo lokubonisa izinga eliphakeme lokubonga nokutusa oFakazi BakaJehova baseMabuhay . . . ngosizo lokudla abaye balwelulela ezisulwini zezikhukhula.”
Yeka ukuthi kufudumeza inhliziyo kanjani ukuzwa ngamaKristu aqotho, lawo, ngezikhathi zokuswela angasabeli nje “ngamazwi nenkulumo” kodwa “ngothando lweqiniso, oluzibonisa ngezenzo!”—1 Johane 3:18, Today’s English Version.