Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 4/1 k. 18
  • OFakazi Bayashumayela ERashiya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • OFakazi Bayashumayela ERashiya
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 4/1 k. 18

OFakazi Bayashumayela ERashiya

Ekulandeleni kwabo umyalo wakhe woku‘shumayela izindaba ezinhle zombuso kuwo wonke umhlaba,’ uKristu waxwayisa abalandeli bakhe ngokuthi bayo‘nizingela, baniyise ematilongweni.’ Kodwa, isigijimi sombuso siyoqhubekela phambili ngisho nasemazweni anjengeSoviet Union lapho iphephandaba lakhona iSovietskaya Kirghizia lakhononda ngokuthi kusukela ngawo-1940 oFakazi BakaJehova baye bashumayela ngaphansi “kokufihla okukhulu.”—Mathewu 24:14; Luka 21:12.

OFakazi abatholakala beshumayela eRashiya bayaboshwa. Ngokwesibonelo, ISovietskaya Kirghizia yabika ukuthi omunye woFakazi BakaJehova wajeziselwa ukusakaza amaphepha enkolo erepublic yaseSoviet yaseKirghizia. Ngokombiko, uFakazi watholakala eshayela imoto eyayithwele amaplates okunyathelisa namakhulu ezincwajana zenkolo ezikhishwe oFakazi. Kodwa, naphezu kokusabela okwamukelwe, “ivangeli limelwe ukushunyayelwa.”—Marku 13:10.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela