Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 9/1 k. 26
  • “Zondani Okubi”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Zondani Okubi”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Izinsuku Ezinjengezinsuku ZikaNowa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Isitha Sokuphila Okuphakade
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Melana NoSathane, Uyobaleka!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 9/1 k. 26

“Zondani Okubi”

ABANTU bakaNkulunkulu baphila ezinsukwini ezimbi, ezifana nalezo zikaNowa, lapho “uJehova wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni nokuthi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe zimbi njalo.” (Genesise 6:5; Mathewu 24:37-39) Lezi yizinsuku okwakhulunywa ngazo ngokwesiprofetho kusAmbulo 12:12: “Maye kuwemhlaba . . . ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu azi ukuthi unesikhathi esifushane!” USathane uthanda ukuhliphiza zonke izinto uMhleli Omkhulu, uJehova uNkulunkulu azihlelela lomhlaba. Lokhu kuhlanganisa nelungiselelo lomshado. Nxa sibheka ukuhlasela okubi kukaSathane ekuziphatheni okuhle nasemkhayeni, kuba okudingekile ngezinye izikhathi ngenxa yoku“lwela inkolo,” ukubeka izinto ngokucacile, ngenkulumo engenaphutha.—Juda 3.

Izwe likaSathane liye lashona ngokwethusayo ekungcoleni. Leli yizwe elingcolile, eliyekelelayo lelo abaningi abantu bakaJehova okumelwe bathintane nalo nsuku zonke, njengobanje noLoti owesaba uNkulunkulu kwakumelwe abhekane no“kuhamba ngamanyala kwabangenamthetho” eSodoma lasendulo. (2 Petru 2:7) Kulezikhathi ezinzima INqabayokulinda ikubheka njengomthwalo wemfanelo ukudonsela ukunakekela ezindinganisweni amaKristu eqiniso okumelwe azisekele emphakathini obuswa ububi. Ekwenzeni kanjalo, kuba okudingekile ukudonsela ukunakekela kweminye yemikhuba emibi kwabaningi esiphenduke umgomo ezweni lanamuhla. (IHubo 92:7) Kubonakala kungcono kakhulu ukuba lezizinto zisingathwe ngokwethembeka, nokuba abazali bazikhulume kahle nabantwana babo. (Kulelizwe elibi, kungcono kakhulu ukuba abazali banikeze iziqondiso ezivuthiwe nezothando ezindabeni zobulili, kunokuba bayekele izingane zabo zicoshe ukwaziswa, eziyokuthola nakanjani ngesikhathi esithile, entsheni ethambekele ebulilini esikoleni.)

Kwabase-Efesu 5:3 siyatshelwa: “Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele.” Izinto ezinjalo asikhulumi ngazo ngendlela yokunganaki, yokudlala yabantu bezwe bakaSathane. Kodwa nxa impilo engokomoya yabantu bakaNkulunkulu isongelwa yizwe elingalungile elibazungezile, sizizwa siphoqelekile ukusebenzisa “isibindi” ekukhulumeni ngezingozi ezisizungezile. (2 Korinte 3:12; 7:4; Efesu 3:12) Yilokho isihloko esilandelayo esizokwenza.—Roma 12:9.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela