Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Kungani izilaleli ngezinye izikhathi zicelwa ukuba zisukume ngenxa yengoma nomthandazo emihlanganweni yobuKristu nasemihlanganweni emikhulu?
Ingoma nomthandazo bekuyingxenye yokukhulekela kweqiniso isikhathi eside. (1 IziKronike 16:7-9; Mathewu 26:26-30; Jakobe 5:13, 14) Kanjalo, lokhu kuyingxenye evamile nebalulekile yokukhulekela emihlanganweni yebandla noma emihlanganweni emikhulu yoFakazi BakaJehova.
Amaculo amaningi asesimweni semithandazo noma sokudumisa uNkulunkulu. Lapho iqembu elikhulu lisukuma ngobunye lapho licula noma lithandaza kungase kubhekwe njengokubonisa inhlonipho njengoba lisondela kuNkulunkulu ngokubonga.—1 AmaKhosi 8:14, 22, 23.
Kumelwe kuqashelwe, nokho, ukuthi iBhayibheli libonisa ukuthi ukuthandaza noma ukucula kokudumisa uNkulunkulu kungenziwa kunoma yikuphi ukuma komzimba. (Qhathanisa noLuka 22:39-41; IzEnzo 16:24, 25.) Ngakho akukho mithetho ngokuqondene nalokhu. Uma impilo yomuntu noma izimo zenza kube ngcono ukuhlala phakathi nengoma nomthandazo ebandleni, lokho akukubi. Ngokuvamile amaKristu ahlala phansi uma ethandaza eZifundweni Zencwadi Zebandla ezincane, ezifundweni zeBhayibheli zasemakhaya nangezikhathi zokudla.