Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 12/15 k. 32
  • Ungaphila Phakade!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungaphila Phakade!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 12/15 k. 32

Ungaphila Phakade!

Umfundi onokwazisa wabhala ngokuphathelene nencwadi entsha Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni egcwele “amaqiniso asekela ukuphila.”

NjengomKristu ongumshumayeli wevangeli wesikhathi esigcwele oqhuba izifundo zeBhayibheli eziningana nemikhaya, wathi: Lencwadi entsha iyimpendulo! Ilula ngokwanele ngabantwana ukuba babambe iqiniso futhi ihlakaniphe ngokwanele ngabazali ukuba benze izinqumo. Iyafushanisa futhi ishaya emhlolweni. Ayijikelezi! Iveza ‘iQiniso’ njengoba linjalo. Inawo wonke amaphuzu amahle adingekayo okufinyelela izinhliziyo zabantu abaqotho. Lencwadi entsha ifana nokufaka zonke izincwadi zeNhlangano emqulwini owodwa omncane.”

Nawe, ngokufanayo, uyojabula lapho uvula lencwadi entsha efundeka kalula eyenzelwe ukutadisha iBhayibheli. Emakhasini ayo angama-256, alingana nalomagazini kodwa abhalwe ngamagama amakhulu, inemifanekiso emihle engaba yi-150, eminingi ingemibala emine. Lena isebenza njengosizo oluhle lokufunda esiza ukugcizelela amaphuzu abalulekile engqondweni yomfundi. Zitholele eyakho ngokugcwalisa bese uthumela lesithikithana esingezansi.

Sizani ningithumelele, incwadi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, enoqwembe oluqinile, enamakhasi angama-256. Ngifaka ama-R3.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela