Izithunywa Zevangeli Ezintsha Zakhuthazwa: “Hlalani Nithembekile!”
ISONTO, likaSeptember 12, 1982, laliwusuku olufudumele noluswakeme emzini waseNew York. Kodwa elinye iqembu labantu abacishe babe yizinkulungwane ezimbili cishe abaluphawulanga. Laba abantu ababeye ekuseni kakhulu eHholo Lomhlangano LoFakazi BakaJehova eliseQueens ukuba babone ukuthweswa kweziqu kwekilasi lamashumi ayisikhombisa nantathu leWatchtower Bible School of Gilead.
Ngo-10:a.m. ezimpondweni, usihlalo wosuku, uLeo Greenlees, ilungu leKomiti Efundisayo leNdikimba Ebusayo, lwacela indlebe ezilalelini. Ukuvungazela kwezingxoxo kwaphela, wonke umuntu wahlala phansi, futhi okwakuzolandela kwavulwa ngengoma yokudumisa uJehova nomthandazo. Enkulunweni yakhe yokuvula umzalwane uGreenlees wakhumbuza abafundi ukuthi ‘babengabadobi babantu.’ (Mathewu 4:19) Wathi, kuze kube manje, ukudoba kwabo okuningi ‘kwakusemanzini asendaweni.’ Manje babeya ezindaweni ezikude “ekujuleni.” IGileyadi yayibafundise amasu adingekayo aloluhlobo lokudoba.
Khona-ke umfowethu uGreenlees wethula uGrant Suiter, ilungu leKomiti Yokunyathelisa. Isikhulumi sabhekisela esiprofethweni sokubuyiselwa esikuHoseya isahluko 2:21-23. Wathi, ababethola iziqu babebusiswe kakhulu, ngoba babengenela insimu yezithunywa zevangeli ngesikhathi sokutshala nesikhathi sokulandisa ngempela phakathi kukaNkulunkulu nabantu bakhe.
Ngokulandelayo, uCalvin Chyke weKomiti Yefektri wakhuthaza abafundi ukuba baqhubeke bethuthukisa “ukwesaba uNkulunkulu.” (1 Thimothewu 4:7, 8, 12) “Amandla okwesaba kwenu uNkulunkulu,” esho, “ayoshukumisela abanye ukuba bafune ukuhlanganyela nani enkonzweni engcwele.”
Ummeleli wekomiti yezisebenzi uDan Sydlik walandela. Wachaza ukuthi ubuhlobo obufudumele bomuntu siqu phakathi kwabantu abenzeki nje ngengozi. Kumelwe ubenze bube khona. Wathi: “Ngisho into encane nelula njengokumomotheka ingasiza.”—Roma 12:13.
IKomiti Yokubhala yamelelwa uLloyd Barry, owakhuthaza izithunywa zevangeli ezintsha ukuba ziqiniseke ukuba nesimo esingokomoya esihle lapho zilungiselela ukuya ezabelweni zazo. Wabuye futhi wazikhuthaza ngamazwi omprofethi uHagayi, “niqine . . . nisebenze.”—Hagayi 2:4.
Khona-ke abeluleki ababili beSikole saseGileyadi bamenyelwa ukuba banikeze amazwi okugcina okweluleka. Owayekade eyisithunywa sevangeli uJack Redford waxwayisa abafundi: “Sonke sibhekana nezikhathi ezinhle nezimbi. Noma ubani angabhekana ngokuphumelelayo nezikhathi ezinhle. Kuyindlela osingatha ngayo izikhathi ezimbi okuyonquma ukuthi ukhuthazela kanjani enkonzweni yezithunywa zevangeli.” Futhi umbhalisi weSikole u-Ulysses Glass wabakhuthaza ukuba babhekane nezinkinga ababezohlangabezana nazo esabelweni sabo ngendlela yokuvuthwa, njengabantu abakhulile.
Ekugcineni, umongameli weSikole uFrederick Franz, wakhuluma nabafundi. Lesikhulumi, leso manje esesingenele onyakeni waso wamashumi ayisishiyagalolunye, sabakhuthaza ukuba bakhonze uMalusi Omkhulu lowo futhi owumbusi wezwe. Wabakhuthaza ukuba bahlale bemunye futhi bethembekile emhlambini wezwe lonke futhi waphetha: “Sengathi uNkulunkulu oPhakeme kakhulu noMalusi wakhe, uJesu Kristu, anganibusisa futhi anisebenzise ngamandla esabelweni senu.”
Khona-ke abafundi banikezwa amadiploma abo futhi usihlalo wavala isimiso ukuze kudliwe. Khona-ke, ngo-2:15 ntambama, isifundo sikamagazini INqabayokulinda wamuva saqhutshwa uDon Adams, weKomiti Yomkhaya waseBethel, abafundi banikeza izimpendulo. Kamuva, badedela isimiso esijabulisa kakhulu somculo nokuhlangenwe nakho, futhi ekugcineni badlala idrama eshukumisayo nekhuthazayo yeBhayibheli.
Ngo-4:30 ntambama isimiso saphethwa. Khona-ke, lamazwi amahle eseluleko ayesa khenceza ezindlebeni zabo, abafundi bazilungiselela ukuhamba bayoba “abadobi babantu” ezabelweni zabo ezikude zezithunywa zevangeli.