Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 4/1 k. 32
  • “Umsebenzi Omuhle Kakhulu Wobuciko”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Umsebenzi Omuhle Kakhulu Wobuciko”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 4/1 k. 32

“Umsebenzi Omuhle Kakhulu Wobuciko”

Yilokho umagazini iDimanche, journal de l’île de la Réunion eyakusho ngeNcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli kweyayo yezizwe ephuma masonto onke kaJuly 23-29, 1981. Lesihloko, phakathi kwezinye izinto, sachaza:

“Okokuqala kudingekile ukusho ukuthi: Ngisho noma oFakazi BakaJehova kuyibona abayithengisayo, lencwadi ayikhulumeli umbono ongokwenkolo walelibandla. Njengoba igama layo libonisa, iqoqo lezindaba zeBhayibheli. Kwaphela nje!

“Iye yafundwa abapristi abaningi bamaKatolika abafisa ukuyisebenzisa ekufundiseni kwabo umlando ongcwele. Lokhu kwanele ukunqamula noma iyiphi impikiswano.

“Injongo yalencwadi iwukufundisa umlando, njengoba ubonwa eBhayibhelini, futhi iqondiswe kwabasebancane. Izindlela ezikhethiwe zimukeleka ngokutusekayo ngokuphathelene: nombhalo omfushane, izahluko ezichazwe kahle, eziqondakala kalula kwabancane kusukela eminyakeni eyi-8. Imifanekiso yayo elula futhi yohlobo oluphezulu, namasu esimanje okufundisa, kuwusizo ekuyibambeni ngengqondo kalula nasekuqondeni imibhalo. Iqoqo lencwadi ejabulisayo (cishe into enhle engasoleki) alinazinto eziningi ezingaze zijabhise abancane, liyahuha ngempela. Ngiye ngayizama endodakazini yami. Iyaphumelela . . . futhi ibuza imibuzo kamuva. Ngisho nokuqonda umlando wesikhathi sasendulo kungakhathaliseki isisekelo sakho senkolo, kuyinzuzo ukuba nayo.

“Lencwadi ibiza ama“francs” ayi-15 kuphela, futhi kuyamangalisa ngempela lokhu. Ngakho, uma uyinikezwa, ungayamukela ngokuqiniseka. Eqinisweni, ukunyatheliswa kwalomsebenzi ophawulekayo akumile, futhi amakhophi ayo athathwa masinyane.”

Ukuze uzitholele INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, gcwalisa futhi uthumele lelikhuphoni.

Sizani ningithumelele incwadi enoqwembe oluqinile enamakhasi angama-256 INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Ngifaka ama-R3,00.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela