Ukumomothekela Isihambi
“Lapho izintokazi ezimbili zimomothekela lomlobi, ngamangala okomzuzwana ukuthi ngake ngahlangana yini nazo ngaphambili,” kubhala uKazuhiko Nagoya, umlobi wephephandaba iDaily Yomiuri yaseTokyo ohlwini lwakhe “Ukunandisa Ukuphila.” Indlela abamomotheka ngayo, yabukeka sengathi babeke bangibona emhlanganweni wangaphambili futhi babejabulela ukungibona futhi.” Kodwa kwakungenjalo: “Ngabhekisisa ubuso babo futhi ngathola ukuthi ngangingabujwayele neze.” Lapho abanye abantu ababili benza okufanayo, wathi, “Ngajabula kakhulu. Lena indlela labobantu abamomothekela ngayo isihambi, lapho besibona kunoma imuphi wemihlangano yabo.”
Ibaphi labantu abemukela kanjalo izihambi? “Indawo kwakuyiOkoku Kaikan (IHholo LoMbuso),” kusho uMnu. Nagoya, “enye yezindawo eziningi eJaphane lapho [oFakazi BakaJehova] behlanganyela khona.” Waphawula futhi: “Into ephawulekayo ngalabantu abahlangana kulelihholo izikhathi ezintathu ngesonto iwukuthi bonke bangabalandeli abashisekayo bobuKristu futhi akekho kubo oba khona emhlanganweni ngezikhathi ezithile kuphela noma oza nje. Amandla okholo ahlanganisa lamadoda, abesifazane nabantwana, abazibiza ngokuthi ‘kyodai’ (mzalwane) ‘shimai’ (dade). Futhi amandla okholo aye adonsa abantu abaningi ngokwengeziwe emphakathini eminyakeni eminingi.”
Ekuphetheni umlobi walandisa ngokuvakashela kwelinye iHholo LoMbuso: “Lapho sengizohamba ngemva komhlangano, umfana, cishe oneminyaka eyi-10 ubudala, weza kimi futhi wathi: ‘Siyajabula ukuthi uzile namuhla. Sicela uze futhi.’ Ubuso bakhe babumomotheka ngokukhethekile. Ngajabula ngoba leso kwakuyisikhathi sokuqala umntwana walobobudala engingamjwayele engimomothekela futhi ekhuluma nami kanjalo.”