Ukukhulumela Okuthakazelisayo NgeHholo LoMbuso EDunwoody
IDOLOBHA lase-Atlanta lalingeke libambisane nathi ngaphezu kwalokhu. UMnu. Gardner, umqondisi wezokuhlola, wezwa ngesimiso sethu, kodwa abahloli bakhe abasebenzi ngoMgqibelo nangeSonto. Ngakho-ke wanikeza oFakazi abanezincwadi zemisebenzi yabo imvume yokuba banakekele ukuhlola. Ngokungaphezulu, isazi sokwakha sasemthethweni esinemvume savakashela indawo yokwakha izikhathi eziningi ngeSonto ukuze sibone ukuthi isakhiwo sasihlangabezana yini nemithetho yokwakha yesifunda.
Iziteshi ezintathu zethelevishini zazinamaqembu azo athatha izithombe endaweni yokwakha. Omunye umsakazi wezindaba wahlabeka umxhwele, wahlala isikhathi eside ngemva kokuba iqembu lakhe elithatha izithombe selihambile futhi waphetha isimiso sangomhla wamashumi amabili nantathu ngokuthi: “Abazalwane nodade bayobe belapha kusasa, ngakho nathi siyobe silapha.”
Ekuseni zingamashumi amabili nane, kude ngaphezu kwamakhilomitha-ayi-160 ukusuka eDunwoody, uFakazi wayehamba indlu ngendlu. Emizini eyisithupha ehlukene watshelwa: “Yebo, ningabantu abakuTV abakha iHholo LoMbuso ngezinsuku ezimbili nje, lena eAtlanta.”
Usomabhizinisi eAtlanta wayenezivakashi endlini yakhe kuleyompela-sonto. Ekuseni ngalowoMgqibelo zadlula endaweni yokwakha futhi zabona kumiswa izindonga. Zamangala ekuboneni lowomsebenzi futhi zazilokhu zibuya emva kwamahora amabili ngalolosuku nangolulandelayo zizohlola intuthuko. Kamuva losomabhizinisi wakhuluma ngalesisenzakalo ePhilippines, eMexico nakwamanye amazwe aseNtshonalanga.
Ngomhla wamashumi amabili nantathu eMnyangweni wamaphoyisa eSifundazweni saseDekalb, umholi weqembu lamaphoyisa wayabelwa ukuba ayoqondisa ukuhamba kwezimoto eduze neHholo LoMbuso. Umphathi wakhe wamchazela ukuthi kwakwakhiwa isonto laphaya, kodwa waphikisa ngokuthi kwakungekho sonto elalakhiwa kuleyondawo. Esalokhu ephikisa ngokuthi umphathi wayesephutheni, wahamba nokho. Ekufikeni kwakhe wama phakathi nomgwaqo, emisa izimoto, futhi wababaza: “Angikukholwa! Lokhuya bekungekho izolo!”
UFakazi usebenza ePerimeter Marriott Hotel njengoweta. Umphathi wendlu yokudlela wayedla ukudla kwasemini nabazali bakhe ababemvakashele, futhi wacela uFakazi ukuba abatshele ngesonto elakhiwa ngezinsuku ezimbili. Uyise waphendula: “Akunakwenzeka! Bengakha iminyaka eminingi futhi ngiyazi akunakwenzeka.” Khona-ke wabuza: “Uyiyiphi inkolo?” Lapho esetsheliwe ukuthi unguFakazi kaJehova, wathi: “Bangakwenza!” Wayeqondise ihholo lomhlangano oFakazi ababelisebenzisile futhi wayeyibonile indlela ababesebenza ngayo ndawonye. “Noma iyiphi enye inkolo ayinakukwenza,” esho, “kodwa oFakazi BakaJehova bangakwenza.”
Ihele lezimoto ladlula endaweni yokwakha phakathi nezinsuku ezimbili ukuze zibone okwakwenziwa. Abaningi bama bavakasha. Ngezinye izikhathi kwakufika omakhelwane abangama-800 abamangele nabadlulayo. Abanye babo badla nezisebenzi. Umnyango wezokudla waphakela abantu abangamakhulu amathathu nanhlanu mahhala phakathi nezinsuku ezimbili.
Ezinsukwini ezimbalwa ngemva kokwakhiwa kwehholo, umdayisi wavakashela uFakazi. Wayeke wezwa ngehholo ezindabeni kuTV futhi wayehlabeke umxhwele kakhulu. Lamkhumbuza “umuhlwa esidulini esikhulu.” Umkhaya wakhe wawusonta, kodwa yena yayimkhanyela ngokunye inkolo. Khona-ke wathi: “Uma noma iliphi iqembu lesonto lingasebenza ndawonye ngokwanelisa kanje futhi liveze isakhiwo ngempelasonto eyodwa, kumelwe ukuthi linokuthile ezinye izinkolo ezingenakho.” Kamuva yena nomngane wakhe bafika emhlanganweni eHholo LoMbuso.
Ubaba othile waphatheka kabi uma indodakazi yakhe iba ngomunye woFakazi BakaJehova futhi wayengayilaleli nencazelo yayo. Kodwa manje uyathanda ukuxoxa ngokwakhiwa kweHholo LoMbuso eDunwoody futhi wathi endodakazini yakhe, “ngiyaziqhenya ngokuthi wawuyingxenye yalokho.”