Ukulinganisa KukaEinstein Ulwazi Lomuntu
“Impumelelo enkulukazi eyodwa yesayensi,” kugomela umbhali owaziwayo wesayensi uLewis Thomas endabeni eyavela kuThe New York Times, “umvubukulo esingawazi kahle hle.” Ingabe lenkulumo iwukweqisa? Ngokuphambene, encwadini eyakuTimes, uEly E. Pilchik wabhala: “Make ngilethe ukusekela kwami okuthile [enkulumweni kaThomas] ngokuvela emthonjeni omuhle ngokunamandla.” Wachaza ukuthi ngoMay 20, 1954, wayekhulume lamazwi alandelayo okuhlola kuProfesa Albert Einstein:
“Ngiye ngabikelwa ukuthi cishe ngenyanga edlule wawunezingxoxo nesivakashi enaxoxa naso ngesihloko solwazi lwethu ngemithetho yendawo yonke. Wabonisa ukuthi naphezu kokuthuthuka kwethu kwamuva ulwazi lwethu lusalokhu luluncane. Wafanekisa lokhu ngezibonelo ezimbili: Esokuqala, ukwanda kwethu olwazini kungaqhathaniswa nalokho umuntu, onesithakazelo ekufundeni okuningi ngenyanga, akutholayo uma egibele ophahleni lwendlu yakhe ukuze abone kahle leyo nkanyezi.
“Ngokombiko, umfanekiso wakho wesibili wolwazi lwethu oluncane ngendawo yonke wagxila emzuzwini lapho uqeda umthetho wakho ofingqiwe ngomcabango ovamile wokuhlobana. Kulowomzuzu impukane evamile yahlala ephepheni lakho. Wacabanga ukuthi manje usubeke yonke imithetho emikhulu yendawo yonke esiyibonayo, njengokungathi uthi, nasi isihluthulelo sazo zonke izimfihlo zendawo yonke kodwa ngempela ube ungazi okuningi ngemvelo yaleyompukane encane.
“Ngakho-ke lamazwi adluliselwa kimi. Ngingathanda, ngokwemvume yakho, ngiwacaphune uma eqondile. Uma kungenjalo, ngiyokwazisa ngokujulile kakhulu ukungiqondisa kwakho.”
Owayebuzile wathola impendulo yomhlaka May 21, 1954, eyathi: “Ukulandiswa ngengxoxo yami nentatheli yakho kuqondile kakhulu futhi ungayisebenzisa ngalendlela. Imikhonzo emihle, Owakho, (kwasayina) uA. Einstein.”—New York Times, September 1, 1981.
Nakuba umuntu eqhubeka ekwandiseni ulwazi lwakhe ngendawo yonke, luseluncane uma kulinganiswa, okusikhumbuza amazwi kaJobe ngokuqondene noNkulunkulu nendalo yakhe: “Bheka, lokhu kungamaphethelo nje ezindlela zakhe, izwi lokunyenyeza elizwakalayo ngaye; indumo yamandla akhe, ubani obeyakuyiqonda na?—Jobe 26:14.