‘Ukuzigabisa’
“Ukugqoka izingubo zabaklami noma yini yabaklami,” kusho isazi sengqondo saseYunivesithi yaseNingizimu California uChaytor D. Mason, “kungaphakamisa ukungalondeki kusukela ekudumazekeni kokungabi lutho kuya ezingeni lokuzicabangela ngokweqile kokuthi ‘ngiyisikhulu, futhi uma ungangikholelwa, mane ubheke igama lempahla yami!’”
UMason uyaqhubeka uyaxwayisa: “Kodwa ngibona ingozi engokomzwelo ekukhokheleni ngokweqile izingubo zokugqoka noma imoto noma isikhafu ngenhloso yokufuna ukuveza igama laleyonto. Okokuqala, wandisa ukungalondeki kwakho ngokuhileleka ngokuphelele esikhundleni esiphakeme esingesona esingokoqobo.” IBhayibheli liyaxwayisa futhi ngalesisejwayezi so‘kuzigabisa’ okunjalo, ngokuthi ku-1 Johane 2:16, 17: “Ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhukuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni. Izwe liyadlula.”