“Ukuzalwa Ngokusha” Kudumile
“UKUZALWA NGOKUSHA KUDLANGILE.” Leso kwakuyisihloko senhlamvu yephephandaba eyayivela eLos Angeles esasikuyiPost yaseNew York kaMay 19, 1980. Lenhlamvu yaqhubeka yathi: “Abangaphezu kwengxenye yawo wonke amaMelika amadala baye bathola okuhlangenwe nakho okungokwenkolo yobuKristu yo‘kuzalwa ngokusha’ okuhlala njalo, kubika inhlangano kaGallup ehlola imibono yabantu. Isibalo . . . sibonisa ukuthi amaMelika amadala ayizigidi ezingama-84 aye enza ukuzinikela komuntu siqu kuJesu Kristu asakucabangela njengokufanelekile.” Esikhathini esithile ngaphambili lokhu kuhlola kwabika ukuthi cishe ingxenye yamaMelika angamaProtestani asanda kweva eshumini “ayethole ukuzalwa ngokusha.” Eyamasonto onke iParade kaJuly 6, 1980, yathi zonke izikhulu ezintathu eziphethe zaseUnited States ngalesosikhathi, uCarter, Reagan noAnderson, zithi zingamaKristu ‘azelwe ngokusha.’
Ngezinye izikhathi amaKristu ‘azelwe ngokusha’ abala impumelelo yawo emabhizinisini njengebangelwa ukuzalwa ngokusha. Esinye isikhulu esiphumelela kakhulu eNew York kubikwa ukuthi sathi: “Uzinikela ngokwakho eNkosini futhi iNkosi ikusize. Ngesinye isikhathi, lapho kwakumelwe ngithenge iBonwit Teller, ngangintula amadola ayizigidi ezimbili nengxenye futhi ngangingazi ukuthi ngingawathola kanjani. Kwakuyisimangaliso ngempela. Futhi into efanayo yenzeka lapho ngithenga iTiffany ngintula isigidi samadola.” Esihlokweni esithi “Abadlali Be-baseball Abazelwe Ngokusha Bayanda,” umbiko ovela eSan Francisco walandisa ngabadlali abaningi ngokwandayo be-baseball abathi bazelwe ngokusha futhi wacaphuna abadlali be-baseball abaningi abathi impumelelo bayithola ngenxa yokuzalwa ngokusha. Omunye walaba wathi: “Akuxoxwa nami kakhulu, ngakho-ke ngingakujabulela ukusebenzisa lelithuba ukuze nginikeze uJesu Kristu udumo. Ungowokuqala ekuphileni kwami.” Omunye waphawula ukuthi “kulula kakhulu ukudlala umdlalo we-baseball, nowokuphila, lapho uNkulunkulu ewumngane wakho.”
Khona-ke futhi, umbiko wokuphumelela ngokwezimali wesonto okuthiwa “The Electric Church” wathi: “Ukusakaza Inkolo Kuba Ibhizinisi Enkulu, AmaKristu Azelwe Ngokusha Akhokha Izindleko Eziningi Zemibukiso: Ukuphumelela KukaJerry Falwell. Inhloso: ‘Izinhliziyo Nezincwadi Ezingena Ephaketheni.’”—The Wall Street Journal.
Nokho, akubona bonke abantu benkolo kweLobukholwa abajatshuliswa yilokhu kuthambekela. Ngakho iTimes yaseNew York yaphawula ukuthi ‘abaseHabe babehlukene endimeni yobuvangeli nokuthi ithonya leqembu “Elizelwe Ngokusha” lalixoxa ngehlelo labo.’ Abanye bakhuluma kabi ngalokhu kuthambekela njengokumane kuwukuthatheka ngokomzwelo, futhi omunye uprofesa wekholiji labapristi wakhonona ngokuthi: “abafundi abaningi bamane nje abafundiseki” ngenxa yesimo soku“zalwa ngokusha.” Kwelinye ikholiji labapristi cishe ingxenye yabafundi yayithi izelwe ngokusha.
Ngokuvamile umbono uwukuthi ‘ukuzalwa ngokusha’ kuyefana nokuba umuntu “azinikele” ukukhonza uNkulunkulu noKristu, okuyindlela abavangeli abaqhamile abayibeka ngayo indaba. Lokhu kuphakamisa imibuzo ethile: UJesu wathi indlela eholela ekuphileni incane futhi inzima wathi futhi bambalwa abayoyifumana. (Mathewu 7:13, 14) Futhi ngokuphindaphindiwe waphawula ukuthi abalandeli bakhe babengeyona ingxenye yezwe. (Johane 15:19; 17:16) Lamazwi akhe angavumelana kanjani nokuzisholo kokuthi abantu abadala abangaphezu kwengxenye yomphakathi wase-U.S. baye ‘bazalwa ngokusha’? Akukhona lokho kuphela. Uma ingxenye yomphakathi wabantu abadala bezwe ingamaKristu ‘azelwe ngokusha,’ kungani kukhona ukungabi namthetho okungaka, ubugebengu obungaka, ukungakhokhwa kwentela okungaka, nokonakala kwezombangazwe okungaka nokuziphatha okubi ngokobulili okungaka, ukuthanda izinto ezibonakalayo okungaka, nesimo esidlangile sokuthi “yimina kuqala”? Ingabe iBhayibheli liyakuthembisa yini ukuphumelela ebhizinisini kulabo ‘abazelwe ngokusha’? Ingabe uNkulunkulu noKristu baba abangane babadlali be-baseball, babasize ukuba baphumelele emidlalweni yabo?
UJesu wathi kumbusi ongumJuda, umFarisi uNikodemu: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu. Ungamangali ngokuba ngithé kuwe: Nimelwe ukuzalwa ngokusha.” (Johane 3:5, 7) Wayesho ukuthini uJesu ngalamazwi? Iyini injongo kaJehova uNkulunkulu yokuba abathile bazalwe ngokusha? Kungaziphi izinyathelo umuntu azalwa ngokusha ngazo, futhi ziyini izibopho zalabo abazelwe ngokusha? Ngaphambi kokuba lemibuzo iphendulwe ngokwanelisayo, kudingeka kutholwe amaqiniso athile ayisisekelo maqondana nezimiso zikaJehova nezinjongo zakhe eziphathelene nomhlaba nomuntu.
[Isithombe ekhasini 18]
UJesu wathi kuNikodemu: “Nimelwe ukuzalwa ngokusha”
[Isithombe ekhasini 19]
‘Bayingcosana abafumana indlela eya ekuphileni’