Incwadi Yabancane Nabadala
IBhayibheli liye laqondwa ngabancane nabadala ngosizo lwe“Ncwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli,” okuyincwadi efanekiswe kahle kakhulu. Incwadi evela eDenmark yakhuluma ngokusabela komuntu omdala lapho amukela lencwadi yathi:
“Kwakungamangalisa ngempela kimi ukubona indlela asabela ngayo ‘eNcwadini Yami Yezindaba ZeBhayibheli.’ Amehlo akhe ayegcwele injabulo isikhathi ngasinye lapho evula ikhasi lencwadi. . . . Lapho ngibuyela ngemva kwesikhathi esithile kamuva, wazitholela iziboniselo ezengeziwe zencwadi, echaza ukuthi wayeyifundele abazukulu bakhe abaningi. Manje uneminyaka engama-97.”
Ungazitholela lencwadi enoqwembe olulukhuni enamakhasi angama-256 ebhalwe ngamagama amakhulu, ngokugcwalisa futhi uthumele ipheshana elingezansi.
Sizani ningithumelele incwadi enoqwembe oluqinile enamakhasi angama-256 ethi “INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli” nencwajana yamahhala ethi “Kukhona Okwengeziwe Ekuphileni!” Ngithumela R2,50.