Lokho Okukushoyo Kithi
NAKUBA engekho umprofethi kaNkulunkulu owenza izimangaliso emhlabeni namuhla ongase avuse abafileyo, nokho singaqiniseka ngokuphelele ukuthi ngokushesha abathandekayo bethu abafileyo bayobuyiselwa ekuphileni.
Ngesikhashana nje ngaphambi kokuvakashela eNayini, ngesikhathi uJesu eseJerusalema ephasikeni lamaJuda ekuqaleni kwentwasahlobo ka-31 C.E., wenza isithembiso esiphawulekayo ngokuqondene nalokhukuvuswa kwabafileyo. Kuze kube yilesosikhathi ngokusobala wayengazange avuse muntu. Nokho, wathi:
“Njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise, kanjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa. Ngokuba njengalokhu uYise enokuphila ngokwakhe, kanjalo uyiphile neNdodana ibe-nokuphila ngokwayo. Uyiphile amandla okwahlulela, ngokuba iyiNdodana yomuntu. Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo, abenzé ukulunga baphumele ekuvukeni kokuphila, abenzé okubi ekuvukeni kokulahlwa.”—Joh. 5:21, 26-29.
Labo baphikisi benkolo uJesu ayekhuluma nabo abazange bamkholelwe. Ngisho nalapho imibiko eyiqiniso iqala ukusakazeka kulo lonke elaseJudiya ukuthi uJesu wayevusele indodana yomfelokazi ekuphileni eGalile, benqaba ukukholwa. Eqinisweni, eminyakeni emibili kamuva, ngesikhathi uJesu evusa umngane wakhe uLazaru, bathukuthela kangangokuba benza uzungu lokumbulala. Baze ngisho “benza icebo lokuba babulale noLazaru, ngokuba ngenxa yakhe abaningi babaJuda . . . bakholwa nguJesu.”—Joh. 12:10, 11; 11:38-53.
Nokho, ukuthi nje abanye ekhulwini lokuqala benqaba ukwamukela ubufakazi obungenakuphikwa bokuthi uJesu wayengumprofethi kaNkulunkulu owayebikezelwe akusona isizathu ngathi namuhla sokuba ngabangabazayo bese sihluleka ukuba nokholo esithembisweni sikaJesu sovuko. Amazwi kaJesu athembekile! Angakwenza lokho akuthembisa! Ukuvusa kwakhe indodana yomfelokazi kwakuwubufakazi bokuthi angakwazi uku“baphilisa labo athanda ukubaphilisa.”
Ngakho-ke, sinazo zonke izizathu namuhla zokuthembela esithembisweni sikaJesu sokuthi “bonke abasemathuneni bayakulizwa izwi layo . . . baphumele ekuvukeni.” Ubufakazi buwukuthi isikhathi sokuba lokhu kwenzeke sesiseduze manje. Kusukela ngonyaka ka-1914, siye sabona esizukulwaneni sethu ukugcwaliseka kwazo zonke izinto uJesu Kristu nabaphostoli bakhe abathi zaziyophawula ‘izinsuku zokugcina’ zalesisimiso sezinto. Izimpi zezwe, ukuntuleka kokudla, izifo, ukuzamazama komhlaba, ukungabi namthetho, ukwedelela—konke sekuyinsakavukela. Isiphelo salesimiso esibi sezinto siseduze ngokungangabazeki.—Math. 24:3-14; Luka 21:10, 11; 2 Thim. 3:1-5; 2 Pet 3:3, 4.
Ngemva kwesiphelo, kuyoba khona uvuko lwabafileyo lapha emhlabeni. Uma unokholo, ungase uphile uze ulubone. Yeka isikhathi esihle leso okuyoba yiso! Yeka ukuthi kuyojabulisa kanjani ukuhlangana futhi kwabafileyo nabathandekayo babo! Khona-ke kuyogcwaliseka isithembiso: “[UNkulunkulu] uyakugwinya ukufa kuze kube-phakade; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke.”—Isaya 25:8.