Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w82 3/15 k. 8
  • Izenzo Zethu Zinethonya Ebandleni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izenzo Zethu Zinethonya Ebandleni
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abaqotho Baholwa Ubuqotho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Bonisa Uthando Nenhlonipho Ngokulawula Ulimi Lwakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Kungani Ngihlale Ngisho Izinto Ezingathandeki?
    Intsha Iyabuza
  • Ibandla Malidumise UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
w82 3/15 k. 8

Izenzo Zethu Zinethonya Ebandleni

KuzAga 11:11 sifunda ukuthi: “Ngesibusiso sabaqotho umuzi uyaphakanyiswa, kepha ngomlomo wababi uyachithwa.”

Abantu bomuzi abalandela inkambo eqotho bathuthukisa ukuthula nenhlalakahle futhi bakhe abanye, futhi umuzi uyachuma. Abakhuluma izinto eziyinhlebo, ezilimazayo nezingalungile baletha uthuthuva, ukungajabuli, ukwehlukana nenkathazo. Lokhu kunjalo ikakhulukazi uma labantu besesimweni sokuthonya. Umuzi onjalo uhlushwa ukungezwani, ukonakala nokuwohloka kokuziphatha okuhle nokwezomnotho.

Isimiso esibekwe lapha sisebenza phakathi kofakazi bakaJehova abangamaKristu, njengoba “behlala” emabandleni abo afaniswe nomuzi. Ibandla elakhiwe abantu abathambekele emiBhalweni nabangokomoya lizithola lijabula, likhuthele, linosizo emalungwini alo, liletha udumo kuNkulunkulu. UNkulunkulu uyajabula futhi uyalichumisa lelobandla ngokomoya. Kodwa labo abakhonondayo, abangeneliswa, abasolayo abakhuluma kabi ngendlela izinto ezenziwa ngayo banjenge“mpande . . . ebabayo” engase isakazeke, ingcolise abanye abebengathintekile ekuqaleni. (Heb. 12:15) Ngokuvamile abawuhlupho bafuna igunya elengeziwe nokuvelela. Badala ukwehlukana ngokuvusa umoyana wokuthi kunokuyekethisa, noma ukungalungi, noma ukubandlululana kwezinhlanga, nokunye, ebandleni noma kubadala.

Esinye isaga esikhuluma ngalesimiso ngokwesizinda somuntu siqu, sithi: “Ulimi oluthulayo lungumuthi wokuphila, kepha ukuphambana kwalo kungukuchotshozwa komoya.” (IzAga 15:4) Ulimi olukhuluma kahle nangokuthamba, ngomusa nangentobeko, ngempela lunomphumela omuhle kolalele. Luyamvusa lumakhe ngokomoya, futhi ngokomphumela, luyanezela empilweni engokomoya yebandla lonke. Kodwa ulimi oluphambene luyalimaza futhi lwephula umoya wabalulalele, alubanikezi okuhle noma imicabango ezobasiza endleleni yabo yokuphila. Ngenxa yalokho, ulimi olubi luvamise ukuletha ukonakala ngokomoya nokufa kwabanye.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela