INGOMA 106
Ukuba Nothando
Uhlelo Oluprintiwe
1. Siyakhuleka kuJehova,
Sicela ukuba njengaye.
Kodw’ ok’baluleke kakhulu
Sifisa ukuba nothando.
Noma singaba namakhono,
As’lutho uma s’ngenal’thando.
Sicel’ uthand’ ol’fudumele
Lubonakale kwes’kwenzayo.
2. Uthando l’boniswa ngokupha,
Nangokucabanga ngabanye.
Al’nanzondo l’yathethelela,
Njengob’ uJesu afundisa.
Uthando l’senza s’bekezele,
S’khuthazelel’ izinkathazo.
Lapho sekunzima s’khumbule,
Uthando al’soze lwaphela.
(Bheka noJoh. 21:17; 1 Kor. 13:13; Gal. 6:2.)