INGOMA 100
Bamukeleni Ngemfudumalo
Uhlelo Oluprintiwe
1. UJah wamukela bonke abantu.
Usinakekela ngokungakhethi.
Ubanika bonke
Imvula nelanga;
Usipha ukudla s’jabule.
Masibonise umusa kwabanye,
Silingise uNkulunkulu wethu.
Khona-ke uBaba
wethu uyos’vuza,
Uma sibonisa umusa.
2. Lapho sibona abahluphekile,
Singathol’ umusa ‘ma sibasiza.
Masisize nalabo
Esingabazi,
Sibanike abak’dingayo.
Masibamukele njengoLidiya
Em’zini yethu bahlale ngok’thula.
UBaba weth’ uJah
ubabona bonke
Abalingis’ isihe sakhe.